IChiefs ichithe umdlali obefana nesivakashi eNaturena
SIHLE NGUBO
Uxoshwe yiKaizer Chiefs engakaze aligqoke nakanye ijezi layo agijime ensimini kanobhutshuzwayo, uBongani Sam.
Lo mdlali, oke wadlalela i-Orlando Pirates neMoroka Swallows, ufike kuMakhosi ngo-Agasti nyakenye.
USam kudingeke abuye eTurkey, lapho iChiefs ibilungiselela khona isizini edlule, ehambisana no-Edmilson Dove, ngenxa yokulimala.
Abalandeli baMakhosi balinde isizini yonke ukubona uSam edlala kwesokunxele emuva kodwa kwagcina kungenzekanga.
Kwale noma sekunenkinga kule ndawo, uBradley Cross engenzi kahle noDove engakalulami, kodwa kwathula nya ngoSam.
Bekulindelekile ukuthi iChiefs imchithe uSam njengoba isanda kusayinisa uNkanyiso Shinga, obedlala ePortugal, noPaseka Mako, obekwiPirates, abadlala kwesokunxele emuva.
Kusekhona noCross, ozozama ukugeza igama lakhe kubalandeli beChiefs, noHappy Mashiane, ongalitholanga kahle ithuba lokudlala ngesizini edlule.
USam ungumdlali wesibili ukuchithwa yiChiefs kuleli sonto, kulandela ukumemezela ukuthi seyihlukene noTebogo Potsane, obehlushwa ukulimala.
Abanye abadlali abahambile kwiChiefs uRanga Chivaviro, u-Edson Castillo, uDove, uNjabulo Blom, uSabelo Radebe, uMduduzi Mdantsane noYusuf Maart, oseyodlala e-Austria kwiSV Ried.
Okuzokwenza ahleke yedwa uSam ukuthi ubesayine inkontileka yeminyaka emithathu, ngakho iChiefs izomkhokhela imali enhle ngokunqamula inkontileka yakhe.

