EzakamuvaIbhola

UThembinkosi Lorch uhambe kungasekuhle kwiPirates

Kucace ngendlela esibe sifishane ngayo isitatimende sokumemezela ukuthi uThembinkosi Lorch uyahamba kwi-Orlando Pirates ukuthi kukhona okushaya amanzi.

Nebala ke sekugcine kuvelile ukuthi lo mdlali wasesiswini obeyintandokazi yabalandeli ushiye kungekuhle kwiPirates.

UThembinkosi Lorch ushiye ngosuku lokugcina lwewindi lokusayina abadlali kwiPirates, wasayina kwiMamelodi Sundowns.

Lezi zindaba zibethusile futhi zabaphula izinhliziyo abalandeli bePirates abebengakulindele ukuthi engaya kwiSundowns. 

Indlela abaphoxeke ngayo ibonakale ngokuthi alahlekelwe abalandeli ababalelwa ku-20 000 abebemlandela ezinkundleni zokuxhumana. 

Nokho manje kuvela ukuthi uhamba nje abaphathi bebengafuni, kepha baphoqwa yisimo ukuthi bamdedele.

Inkontileka kaThembinkosi Lorch kwiPirates beyizophela ngoJuni 2024, obekuzomenza akhululeke ukusayina noma kuliphi iqembu. 

Ngokubika kweSunday World, ubenezindawo ezimbili abengaya kuzo uma esuka kwiPirates.

Kuthiwa uPitso Mosimane ubefuna ukuhamba naye njengoba ebeyoqala umsebenzi omusha eSaudi Arabia.

Nokho yena ukhethe lo weMamelodi Sundowns ngokuthi bewunemali enhle azoyihola nazoyithola ngokusayina. 

“ULorch ubenokubili okumele akhethe kukho… Ukuhamba noPitso aye eMiddle East, noma aye kwiSundowns,” kucashunwe umthombo usho kanje.

“Ubevele enaso isifiso sokuthi ake ayodlala phesheya. Ubengafuni ukuvuselela inkontileka kwiPirates.

“Lokho kwenze isimo sakhe sanzima kuleli qembu,” kuchaza lo mthombo. 

Omunye umthombo ucashunwe uthi ukuhamba kwakhe kwenzeke ngokushesha okumangazayo njengoba naye ezwe sekuthiwa amaqembu asevumelene. 

“Amaqembu avumelane wodwa ngokudayiselana, uLorch wezwa sekuthiwa iPirates seyiqede konke neSundowns. 

“Naye kodwa ubevele ekufuna ukuya kuSundonws. Ngaphezu kwakho konke, kube wukubhekelela isimo sezimali. 

“Uthole imali enkulu kwiSundowns, wayithatha. Uzohlanganisa u-31 maduze futhi kumele aqale abhekelele ikusasa lakhe nelomndeni. 

“Uzothola imali enhle yokusayina, naye ubengeke akwazi ukuyinqaba,”  kuchaza lo mthombo.

Okhulumela iPirates, uThandi Merafe yena ushaye ngezinqamulelayo, ephika ukuthi bekungasabonwa ngasolinye noLorch. 

“Yinto engekho leyo. Iqembu belilokhu limesekile uThembinkosi Lorch,” ucashunwe esho kanje uMerafe. 

IPirates yakhipha isitatimende esiyimigqa embalwa ibonga uLorch, yabe seyimfisela okuhle lapho eya khona.