Afcon 2023Ezakamuva

Isiqanse kakhulu indlela yeBafana, kodwa uBroos akasabi

Ukuqhathwa neMorocco emdlalweni wokuqala emzuliswannei womkhumulajezi kuqansise kakhulu indlela yeBafana Bafana kwi-Afcon. 

IMorocco yilona qembu elikleliswe phezulu kwawase-Afrika futhi izidlulele kakhula emzuliswaneni wamaqoqo. 

Leli qembu lasenhla ne-Afrika lingelinye labhekiwe ukuthi agcine edle umhlanganiso kulo mqhudelwano ose-Ivory Coast. 

Noma ingakwazi ukudlula iBafana kwiMorocco, indlela ngeke ibe lula njengoba izobe seyiya kozonqoba phakathi kweCape Verde neMauritania.

Ngokokukleliswa kwamaqembu, lona ngeke kube ngumdlalo onzima kodwa ke ngokwefomu awo kwi-Afcon, kuzoba ngumdlalo onzima. 

Uma isuka lapho iyobe seyiyobhekana nozonqoba phakathi kweNigeria ne-Angola. 

Kodwa noma kunjalo, umqeqeshi weBafana, uHugo Broos akakhathazekile, ubona bengakwazi ukuhamba baze bafike kowamanqamu. 

“IMorocco isikwelinye izinga, bakukhombisile lokho eNdebeni yoMhlaba nyakenye eQatar.

“Bayiqembu elihle kakhulu, elinabadlali abasezingeni kodwa sesike sadlala nabo kabili nyakenye. 

“EMorocco basithwalisa kanzima kodwa eGoli sabashaya, sadlala kahle kakhulu lokho kumele kusikhuthaze sibheke emdlalweni wangoLwesibili. 

“Kodwa vele noma ngabe iqembu lihle njengeMorocco, kuhlezi kunethuba lokwenza kahle,” kusho uBroos. 

“Ngakho siyakholwa futhi sesobona ngoLwesibili ngemuva komdlalo ukuthi singayishaya yini iMorocco.

“Uma sinqoba, sizoyobhekana nozonqoba phakathi kweMauritania neCaoe Verde,” kuchaza lo mqeqeshi.