EzakamuvaIbhola

Inkakha yaseZimbabwe isola imenenja ngokufathuzisa uBilliat

UBenjamin Mwaruwaru owayeyisihlabani seZimbabwe neManchester City ukhlwa wukuthi uKhama Billiat ufakwe nguGolfery Vokal Bakasa kulolubishi akulona kumanje. 

UBilliat kumanje akanaqembu kulandela ukulaxaza kwakhe iKaizer Chiefs abesehlale kuyo iminyaka engaphezu kwemihlanu.

Ushiye kuleli qembu ngaphambi kokuqala kwale sizini, yize lona beliveze ukuthi liyafisa ukumgcina.

Ekhuluma neMpempe, uMwaruwaru, owake wagijima kwiJomo Cosmos kuleli, usole imenenja yakhe ngokubeka imali phambili.

“UKhama ufakwe yilemenenja yakhe kulolu bishi ngokumyenga ukuthi aphume kwiKaizer Chiefs.

“UBakasa wahluleka ukuxoxisana neChiefs. Kumanje uselahlekelwe ngabaxhasi ngenxa yokuthi akadlali ndawo ngenxa kaBakasa. 

“Walahla imenenja yakhe uMike Ngobeni ngo-2020 kanti yena ubeliqonda ibhola futhi exhumana kahle nabaphathi bamaqembu. 

“UNgobeni unobudlelwano obuhle nabaphathi bamaqembu. Lona (esho uBakasa) ubephethe abaculi abahlukene lapha eZimbabwe. 

“Manje kunzima kakhulu ukuthi uKhama athole umsebenzi eqenjini elisha,” kuchaza uMwaruwaru. 

Uvez enokuthi isikhulu seChiefs, uBobby Motaung wayezifikele mathupha kubokaKhama ngesikhathi bemsayina.

Uthi lokho kukhomba inhlonipho abanayo ngaye nokuthi bazimisele kanjani ngaye njengoba yena egcine ebalahlisa okwenyongo yenyathi nje.

“UBobby Motaung wazifikela kubo kaKhama Billiat ukuzoxoxa nabazali bakhe. 

“Kodwa ngoba lomoya omubi ubusungenile ekhanda lakhe, kwehlule ekhuzwa ngalo muntu, etshelwa  ukuthi akaqondile.” 

UBilliat usanda kumisw ayiSuperSport United abesejima kuyo ngesifiso sokuthi asayinwe.

Isikhulu sallei qembu, uStanely Mathews utshele Impempe ngesonto elidlule ukuthi bamyekise ukujima ngoba bengeke bamsayine.

Kuvele ukuthi ubejima khona nje yingoba ubencengelwa ukaputeni weqembu u-Onismor Bhasera ukuba asayinwe.