U-Arteta ududuze abalandeli be-Arsenal iphinde iphoxa
SIHLE NGUBO
Umqeqeshi we-Arsenal, uMikel Arteta, ududuze abalandeli beqembu lakhe ngemuva kokuhluleka ukuqukula indebe ye-English Premier League (EPL) ngeSonto.
IGunners iwunqobe ngo 2-1 umdlalo wayo ne-Everton kodwa lokho bekungenele ukuthi ibe ngompetha beligi ka-2023/2024.
Ukunqoba kweManchester City ngo 3-1, ishaya iWest Ham e-Etihad Stadium, kuqinisekise ukuthi ingompetha beligi okwesine kulandelana.
I-Arsenal ihlale isikhathi eside esicongweni kule sizini esanda kugoqwa, futhi beyibukeka inethuba elihle lokunqoba isicoco.
Nokho ekugcineni inike intuba iCityzens ngokushaywa emidlalweni obekufanele iyinqobe.
U-Arteta uthe nakanjani bazogcina bekutholile abafunayo, yize bephoxekle kulokhu. Bekungekhona ke okokuqala bephoxeka ekugcineni kanje.
“Konke lokhu kuyenzeka ngenxa yokuthi niqale ukukholelwa (eqenjini), niqale ukuba nesineke, niqale ukuqonda ukuthi yini esizama ukuyenza,” kusho u-Arteta, ekhuluma nabalandeli ngemuva komdlalo.
“Kukho konke kumele sibonge abadlali nabasebenzi bethu abenza izinto ezingakholeki. Akumele seneliseke. Siyazi ukuthi sifunani futhi sizokuthola lokho.”
Indlela elwe ngayo iGunners kule sizini, kumele inike abalandeli bayo ithemba lokuthi ngesizini ezayo bangayiqukula indebe ye-EPL.
U-Arteta uyazi ukuthi uma efuna ukufeza lelo phupho kumele bazame ukuhlanganisa amaphuzu okungasenani angu-94, ukuze baketule iMan City.
IGunners iqede imidlalo yeligi inamaphuzu angu-89, kanti iCityzens ihlanganise amaphuzu angu-91.
FUNDA NALA: Akeneme uJose Riveiro ngePirates ezithele ngabandayo
ICityzens inethuba lokunqoba enye indebe njengoba izobhekana neManchester United emdlalweni wamanqamu weFA Cup, eWembley Stadium, ngoMgqibelo.