IChippa ayithi nsi ngoNwabali, ifuna imali ebhekile
Iqembu laseNingizimu Afrika, iChippa United kuthiwa ifuna u-R21 million etafuleni ukuze ithengise unozinti wayo waseNigeria, uStanley Nwabali.
Lokhu kuvezwe yiphephandaba laseNigeria, iDaily Post ngoLwesibili.
UNwabali ube ngumdlali ovelele kwabeNigeria kwi-Africa Cup of Nations eqhubekayo e-Cote d’Ivoire.
Emidlalweni emine yeSuper Eagles, uNwabali usangenelwe yigoli emdlalweni owodwa – kwemithathu akadedelanga lutho.
Lo nozinti, oneminyaka engu-27, usephinde wadonsa amehlo ngokudlala kahle kwakhe kwiChippa United kule sizini yakhe yokuqala.
Lokhu kwenza umqeqeshi weSuper Eagles, uJose Paseiro amvakashele kuleli qembu nala afike wachazeka khona nguye.
Ube esemfaka eqenjini lakhe eliya kwi-Afcon yize ayengekho bedlala eyokuhlunga, futhi uyiqala ngaye imidlalo.
I-Union St Gilloise, okuyiqembu elidlala kwiBelgian Pro League, kubikwa ukuthi yilona elihamba phambili emjahweni wokusayina uNwabali.
UNwabali, oke wavimba kwiKatsina United eNigeria, kungenzeka angabi khona uma iSuper Eagles seyibhekene ne-Angola ngoLwesihlanu. Â
FUNDA NALA: Qe! Yakuphinda ke lokho iBafana ingathenjiwe
Lo nozinti ulimale edolweni ngesikhathi iSuper Eagles inqoba kwiCameroon ngoMgqibelo odlule.

