Qe! Yakuphinda ke lokho iBafana ingathenjiwe
SIHLE NGUBO
IBafana Bafana iphinde yayikhipha inkani iMorocco iyiwashisa ijezi kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2023 e-Ivory Coast.
Emdlalweni weLast 16 obubhekwe ngabomu, eStade Laurent Pokou, iBafana ibhuquzise iMorocco ngo 2-0.
Lokhu bese kuchaza ukuthi iqembu lakuleli lidlulela kuma-quarterfinal e-Afcon ka-2023.
Ngo-1998 iBafana yakhipha iMorocco iyishaya ngo 2-1 kuma-quarterfinal e-Afcon. Kulowo yaze yavinjwa yi-Egypt kowamanqamu.
Umdlalo ubuphethwe yiMorocco isikhathi esiningi ngesiwombe sokuqala.
Nokho kuhlaluke ukuthi udonga lweBafana lukhombise ukuqina kakhulu, lungadedeli lutho.
Igoli elishintshe izinto lize no-Evidence Makgopa ngomzuzu ka-57.
Lo mgadli we-Orlando Pirates ubegeza igama lakhe kulandela ukugxekwa ngokubizwa eqenjini lesizwe.
Ngaleso sikhathi iMorocco ibihlasela kakhulu kubukeka sengathi iyona ezolihlohla phakathi.
Bekubukeka sengathi umdlalo uzoya esikhathini esengeziwe ngesikhathi iMorocco ithola iphenathi ngomzuzu ka-84.
Nokho isethenjwa uHakim siyigejile iphenathi yashaya yashayila ipali qede yaphuma phezulu.
Igoli eliqinisekise indlela ebheke kuma-quarterfinal lishaywe uTeboho Mokoena ngomzuzu ka-90+4.
Kube yibhola elibekwe phansi, alibeke phakathi ngomfutho wasala enkemile unozinti we-Atlas Lions.
Emdlalweni we-quarterfinal iBafana izobhekana neCape Verde ngempelasonto.
FUNDA NALA: RSA v Morocco: Umlando uvuna iBafana kodwa…
ICape Verde idlulele phambili ngokushaya iBurkina Faso ngo 1-0 kwiLast 16.

