ISwallows igile isimanga ikhangisa ngabadlali ebaxoshile
Izigigaba ezikushiya ubambe ongezansi aziphezi eqenjini leDStv Premiership iMoroka Swallows, eke yaziwa ngokuthi iSwallows FC phambilini.
NgoLwesibili iSwallows libuyele ejimini ngemuva kwekhefu likaKhisimuzi ne-Africa Cup of Nations, yabe seyiqhubeka la igcine khona ngezigemegeme.
Kuqale kwanakeka ukungabi khona komqeqeshi uSteve Komphela ejimini ngesikhathi iSwallows iqala ukulungiselela ukuqhubeka kwemidlalo yeligi.
Lo mqeqeshi ube esechaza ngokuhamba kosuku ukuthi yena akatshelwanga ngosuku lokubuyela ejimini.
Usole abaphathi beqembu ngokuthi bamtshela ngokushintshwa kosuku, kodwa abangamtshela olusha.
Nangasekupheleni kwesizini edlule, iSwallows yazithola isehlazweni elibi abadlali bayo beteleka, kwaze kwahoxiswa imidlalo yayo emibili.
Lokhu kwakungokokuqala ukwenzeka ebholeni lakuleli, futhi kuholele ukuthi isoxhe abadlali abangaphezu kuka-22 ngenxa yalesi sigameko.
Hhayi ke, izimanga aziphezi kuleli qembu njengoba ngawo uLwesibili liphinde lafaka izithombe zabadlali elathi baxoshiwe besejimini.
ISwallows yayifake onozinti uDaniel Akpeyi nomdlali wasesiswini, uTlakusani Mthethwa ohlwini lwabadlali ebaxoshile.
Ishicilele izithombe zalaba badlali bese jimini yeqembu kwi-X, yaziphelezela ngombhalo othi: #MorokaSwallows.
Kuyaxaka ke ukuthi kwenzeka kanjani lokhu ingakakhiphi sitatimende esichaza ukuthi ibuye yajika umqondo noma kwenzeke njani.
Nokho Impempe ithole ukuthi laba badlali bangabanye bababuyelile eqenjini ngemuva kokuvuma ukwehliselwa imiholo.
“Abadlali abaxoshiwe bakhethiswa ukuthi balande izincwadi ezibakhululayo noma bemukele izinkontileka ezintsha ezibehlisela imali yomholo.
“Abanye bakwenzile lokho ngoba bekhalela ukuthi uma benqaba bazohlala bengasebenzi ndawo.
“Uyalwazi ke nawe usizi lokungabi namsebenzi kulezi zinsuku njengoba amaqembu esengoqa kangaka nemali nje,” kusho osondelene naleli qembu.
FUNDA NALA: Useqeqesha phesheya umgadli owahluleka kwiPirates
Imizamo yokuthola abaphathi beSwallows ukuthi baphawule ngalolu daba ayiphumelelanga.

