EzakamuvaIbhola

UNjabulo Ngcobo neChiefs: Buyaphela ubudlelwano?

Maningi amathuba okuthi uNjabulo Ngcobo ahlukane neKaizer Chiefs ekupheleni kwesizini. 

Inkontileka kaNgcobo neChiefs izophela ngoJuni kanti izingxoxo zokuthi ivuselelwe azikakaqali kwakuqala yize kusele ngaphansi kwesinyanga eziyisithupha. 

Izinkomba ezivelayo ziveza ukuthi Amakhosi angase akhethe ukungayeluli inkontileka yalo mdlali wasemuva.

UNjabulo Ngcobo ujoyine iChiefs ngoJulayi ka-2021 kulandela isizini ka-2020/21 encomekayo ekwiMoroka Swallows. 

Wadlala kahle kakhulu kwiSwallows waze waqokwa waba nguMdlali wasemuva we-DStv Premiership wesizini.

Izinto azikamhambeli kahle lo mdlali oneminyaka engu-29 eNaturena. UNjabulo Ngcobo udlale imidlalo engu-15 yeligi ngesizini ka-2021/22, walandelwa engu-11 ngesizini elandelanayo, 

Kule sizini eqhubekayo usadlale imidlalo eyisikhombisa kuphela yeligi, emane kuleyo midlalo ubesuka ebhentshini.

Ngokubika kwePhakaaathi, umthombo udalule inhloso yaleli qembu yokuhlukana noNgcobo ekupheleni kwesizini.

“Izinto azimhambeli kahle uNgcobo kwiChiefs,” kucashunwe umthombo usho kanje. 

“Udonsa kanzima eNaturena futhi iqembu selinqume ukuthi lizomdedela ekupheleni kwesizini.” 

UNgcobo uqale ukudlala ibhola elikhokhelayo kuThongathi FC, la adlale khona kahle waze waheha amehlo eSwallows.

Kukuyo iSwallows la efike wachuma khona, waze wagcina ehalelwa yizinkunzi iChiefs, Mamelodi Sundowns ne-Orlando Pirtaes. 

Nokho yena waqoka ukuya kwiChiefs kanti selokhu afika kuyo izinto azimhlanganeli neze.

Ngesikhathi sikaStuart Baxter kwiChiefs, lo mqeqeshi waze wakubeka kwacaca ukuthi akekho ezingeni elifanele. 

Kwathi uma etshelwa ukuthi lo mdlali ubengovelele ngesizini eyandulela leyo, wathi phela yena wayengekho ngaleso sikhathi.