AmankomaneEzakamuva

Izinkakha zaseKZN zibona uVusi Mtolo engamvusa uGonya

Alfred Ngubane

UWiseman “Sabalutho” Dlomo noChristopher Buthelezi sebenxuse uSiboniso Gonya ukuthi avume ukujinyiswa nguVusi Mtolo ongumqeqeshi ohamba phambili esibhakeleni sakuleli. 

Lezi zinsizwa ezizakhele igama esibhakeleni sakuleli zithi uGonya uzozithola ephelela ezeni uma engatholi umqeqeshi okhaliphile. 

Zithi le jimu angaphansi kwayo njengamanje, iLudonga Boxing Gym, ayisenalo ikhono elifanele kubaqeqeshi lokucija umshayisibhakela ofana naye. 

“Mina ngibona  ukuthi uVusi Mtolo engamvusa uGonya, aphinde adle abantu abavale imilomo labo abacabanga ukuthi kuphelile ngaye,” kusho uWiseman Dlomo. 

“Kwamina ngahlala kwaNick Durandt ngingazitholi izimpi ngaze ngabuya ngathathwa nguThulani Magudulela (ongasekho). 

“Ngafika ngazalwa kabusha, ngathatha ibhande losondonzima kuleli,” kuchaza uSabalutho othi ushintsho kuyadingeka kwesinye isikhathi. 

Le nkulumo kaSabalutho Dlomo inanelwe nguChristopher Buthelezi, othi naye wahlala waze wacishe waphupha kwaDurandt enganakiwe. 

“Ngangisesitebeleni esisodwa nabashayisibhakela abafana noPhillip Ndou no-Isaac Hlatshwayo ababengaconsi phansi ngaleso sikhathi,” kusho uButhelezi. 

“Ngashiya phansi isitebela esikhulu kuleli ngabuyela eThekwini ngajoyina uThulani Magudulela owayefufusa ngaleso sikhathi. 

“Ngafika nganqoba  isicoco esigabeni seSuper Middle Weight ngaze ngasilahla mina ngoba sengishaywa iminyaka. 

“UVusi Mtolo ngiyamethemba ngoba usebenze kakhulu noNick Durandt. Nguyena  obenza umsebenzi omningi kule jimu enomphetha bomhlaba abaningi.” 

UGonya kumanje ufunwa ngophromotha ababili – owaseMpumalanga nowaseNamibia ababona ikusasa lakhe lifadalala njengoba engasalwi nje eThekwini.

FUNDA NALA: Ushaywa ngomzimba uHappy Jele kwiRoyal AM

Kumanje uVusi Mtolo uzobanga noSizwe Mthembu noKhangelani  Jackie  umklomelo wokuba nguMqeqeshi woNyaka uma sekuklonyeliswa abesibhakela. 

Umcimbi weBoxing South Africa uzoba se-ICC eThekwini kule mpelasonto esiya kuyo.