UBernard Parker uveza umgoga abebecuphe ngawo iSundowns
SIHLE NGUBO
Umqeqeshi obambile kwiTS Galaxy, uBernard Parker, ufisele iMamelodi Sundowns inhlanhla kwiCAF Champions League, ngemuva kokuyishaya ngo 3-2 emdlalweni weBetway Premiership, eMbombela Stadium, ngoLwesibili.
Ukushaywa kweSundowns kunciphise amathuba ayo okunqoba isicoco seligi okwesishiyagalolunye kulandelana.
Njengamanje kulele kwi-Orlando Pirates ukuthi inqobe umdlalo owodwa, kwemibili eyisalele, ukuze ikhale yemuke nesicoco seligi.
IBucs izobhekana neDurban City, e-Orlando Amstel Arena, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
Ngasohlangothini lweSundowns sekumele ibeke imiqondo kowamanqamu weChampions League, lapho izobhekana ne-AS FAR yaseMorocco, eLoftus Stadium, ePitoli, ngeSonto ngo-4 ntambama.
Uma iSundowns ingayinqobi le ndebe ingase izithole iqeda isizini ingenayo neyodwa indebe, okuyinto osekunesikhathi yagcina ukwenzeka.
“Bekungumdlalo omuhle, sifisela iSundowns okuhle kodwa kowamanqamu weChampions League,” kusho uParker kwiSuperSport TV ngemuva komdlalo.
Ube eseveza ukuthi bebehlele ukuhlasela ngoSeluleko Mahlambi obeyiphela endlebeni kwiSundowns.
“Besiziqeqesha ngokuthi bahlezi bedlala ngokuhlasela. Njengoba sinomdlali wethu oyingozi kule midlalo edlule, uMahlambi, besihlele ukuthi kube uyena obahlala izithonto.
“Besifuna ukuthi ahlale phambili, simnike ibhola abaqonde. Usitholele amaphenathi emidlalweni emibili edlule futhi ukuphindile lokho namuhla.”
UMahlambi ukeqwe ebhokisini leSundowns, wayiqhatha iphenathi wayibeka phakathi uVictor Letsoalo, nokuyilapho kuqale khona izinkinga zompetha beligi.
Lo mdlali, owumnewabo kaPhakamani Mahlambi, owake wadlalela iSundowns ne-Al Ahly yase-Egypt ,uphume esexhuga kulo mdlalo.
“Odokotela bethu bathe uthinteke eqakaleni. Ungumfana oqinile, ngiyazi uzokwelulama ngesikhathi ngoba umdlalo wethu olandelayo sizowudlala ezinsukwini eziyishumi ezizayo,” kuqhuba uParker owayedlalela iKaizer Chiefs.
“Nokho kumele sincome lonke iqembu. Ithimba labaqeqeshi, wonke umuntu oqinisekise ukuthi sibuyisa umdlandla eqenjini.
“ISundowns inabadlali abahle kakhulu. Beyiqembu eliphezulu, ngiyajabula ukuthi abafana bakwazile ukuyibamba ishisa bebhekene nayo. Ngiyaziqhenya ngabo.”
Ukunqoba kweRockets kusho lukhulu ngoba ngeke isazihlupha ngokukhathazeka ngokudliwa yizembe ekupheleni kwesizini.
Emdlalweni wokugcina leli qembu likaTim Sukazi lizobhekana neLamontville Golden Arrows, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoMeyi 23.

