UMosimane uyabuzwa ukusinda kwensimbi, ukhala ngeVAR
Umqeqeshi we-Al Wahda uPitso Mosimane usale nemibuzo ngohlelo lokusiza onompempe iVideo Assistant Refereeing (VAR) ngemuva kokuhlulwa kwezakhe ngo 2-1 yiBaniyas emdllaweni we-UEA Pro League.
Bese kungokwesinili kulandelana i-Al Wahda ihlulwa njengoba kade ishaywe ngompetha i-Al Ahli Shabab ngaphambi kwalo mdlalo wangoMgqibelo.
IBaniyas, ebilandela ngemuva ngo 1-0, ithole intuba yokubuya emdlalweni kulandela ukukhishwa ngekhadi elibomvu komdlalo we-Al Wahda.
Umgadli wase-Argentina uFacundo Kruspzky uvule inkundla ngegoli lakhe lesihlanu emidlalweni eyisikhombisa.
Kodwa u-Abdurahman Saleh wakhishwa ngekhadi elibomvu ngaphambi kancane kokuthi kuyiwe ekhefini.
Ukwengeza izinkinga ze-Al Wahda, iBaniyas ithole iphenathi ngomzuzu ka-84 yayivalela phakathi.
Ishaye igoli lesibili ngomzuzu wesishiyagalolunye wesikhathi esengezwa unompempe ngemuva komdlalo.
UMosimane usale ecasukile, esola abadlali bakhe ngokuhlulwa amagoli alula, wasola nonompempe.
“Ngeke ngibafundise abadlali ukuthi igoli lishaywa kanjani. Le midlalo emibili sihlulwe ngoba siyeka amathuba alula okushaya amagoli,” usho kanje uMosimane ngemuva komdlalo.
“Ngidumele ngalokhu kuhlulwa, futhi ngiphoxekile. Ngize lapha e-UAE ukuzoqeqesha i-Al Wahda.
“Angifuni ke ukuthi ngithi abadlali kukhona abakwenzayo ukulawula umphumela womdlalo.
“Akwamukelekile ukuthi sihlulwe (yiBaniyas0, ngidumele ke nangamaphutha kampempe.
“Abadlali beBaniyas abazange bathole nelilodw aikhadi eliphuzi. Angazi ke kanjani ngoba kukhona iVAR. Izinkinga zeVAR seziqala ukugqilaza manje.
FUNDA NALA: UChaine income unompempe ngenzinqumo ezinhle koweMTN8
“Sizithole sihlulwa kungafanele nanamuhla, futhi ngiyakwamukela ngenhliziyo ebuhlungu. Kodwa ke yini kanti umsebenzi walolu hlelo (lweVAR)?,” kusho uMosimane.