EzakamuvaIbhola

Basabisa ngokulaxaza iqembu abeRoyal AM abangaholile

Seyikapakele naseqenjini lamantombazane eyokungakhokhelwa kwabadlali kwiRoyal AM.

Kuvela ukuthi abadlali beRoyal AM Ladies abakhokhelwe imiholo yabo kusukela ngoDisemba nyakenye.

Abadlali kuthiwa abeneme neze futhi basabisa ngokulilaxaza iqembu.

Leli qembu lidlala kwiHollywoodbets Super League, okuyiligi esemthethweni yebhola labesifazane kuleli.

Imenenja jikelele yeRoyal AM, uRichard Makhoba, ithi asikho isizathu sokukhokhela abadlali, ngoba bangama-amesha futhi abanazo izinkontileka.

“Asiphoqelekile ukubakhokhela uma isizini ivalile,” kusho uMakhoba kwiSunday World.

“Banikwa imali ethile (yesibonelelo) ngenyanga. Iligi yabo ayikaze ikhokhe imali eqonde eqenjini labo.

“Asikweleti badlali bamantombazane imiholo, futhi asinaso isibopho sokubanika imali (yesibonelelo) uma iligi isiphelile.”

“Imithetho yeSafa ithi ukubhaliswa kwabo bonke abadlali abangama-amesha kuba yinto yesizini eyodwa kuphela.”

Umbuzo osalayo uthi ngabe babachazela yini abadlali ngalokhu, ngaphambi kokuqala kwesizini.

Impempe ike yabika nyakenye ukuthi umengameli weRoyal AM, usamkweleta uMax Tshabalala athenga kuye isitifiketi saleli qembu labesifazane.

Kwenzeka lokhu nje, iqembu labesilisa leThwihli Thwahla lisamisiwe ukusayinisa abadlali. 

Lokhu kulandela ukwehluleka ukukhokhela uRicardo Nascimento noSamir Nurkovic, imali yabo.