UMatrose angaba yimfihlo yeBucs koweDowns
Umdlali wasesiswini we-Orlando Pirates, u-Azola Matrose, useluleme futhi usekulungele ukudlala.
Lo mdlali oneminyaka engu-20 wahlinzwa kwaze kwaba kabili ngonyaka odlule, nokwadala ukubambezeleka kokuqala kwakhe ukudlala kwiBucs.
Nokho, ekugcineni sekunezindaba ezinhle njengoba ikilabhu isiqinisekisile ukuthi useluleme ngokugcwele futhi usekulungele ukudlala umdlalo wakhe wokuqala.
“Umdlali wasesiswini, u-Azola Matrose, osewumqemane ngemuva kokuhlala kwakhe isikhathi eside engadlali,” kusho iPirates esitatimendeni kuleli sonto.
Manje umbuzo osusele ngothi ngabe uyena lo mdlali ozoba yisikhali esiyimfihlo leli qembu elizozuma ngaso iMamelodi Sundowns?
IPirates izovajashela iSundowns emdlalweni weDStv Premiership eLoftus Stadium ngoMgqobelo ngo-8 ebusuku.
Lo mdlalo yiwo obhekwe ukwedlula eminye njengoba kuqhubeka imidlalo yeligii yakuleli ngemuva kwekhefu elide.
Abanye abadlali bePirates asebeluleme ngo-Innocent Maela, James Monyane nonozinti uSipho Chaine.
Iphini lomqeqeshi kwiBucs, uMandla Ncikazi uthe ikhefu libasizile ukuqinisa anabhawodi abexega.
“Kuzoba wumdlalo omuhle ophakathi kwamaqembu amabili amahle kakhulu,” kusho uNcikazi.
“Sibe nethuba lokuthi iningi labadlali bethu abebelimele belulame nokujwayeza abadlali abasha eqenjini.
“Kusinike nethuba lokuthi sizame ukuphucula indlela esidlala ngayo ukuze sizokwazi ukuqoqa amaphuzu.
FUNDA NALA: OwayekwiPirates ebhentshini leSwallows ‘eqala kabusha’
“Umdlalo wethu wokuqala ngemuva kwekhefu yilo weSundowns, kumele senze kahle,” kuchaza uNcikazi.

