EzakamuvaIbhola

Isendalini iRoyal AM? UMaduka ubamba uyayeka

Ubambe wayeka umqeqeshi weRoyal AM, uJohn Maduka uma ebuzwa ngamahlebezi okuthi leli qembu selisendalini njengoba abaphathi bebhekene nenkiyankiya yezikweletu. 

Lezi zindaba ziqale ukuvela kuleli viki kulandela ukuthi umengameli walo, uShauwn Mkhize ebhekene nezikweletu zenhlangano eqoqa intela iSars. 

I-Sars seyithole nencwadi eyimvume yokuthi iqoqe izimpahla zeRoyal AM ngenhloso yokuzidayisa ukuze kukhaveke isikweletu sayo. 

Manje sekuvele ukuthi uMaMkhize usengalalela uma kukhona oqhamukayo ofuna kuxoxwe ngokudayiselana leli qembu. 

Impempe ike yabika phambilini ukuthi uMaMkhize noMax Tshabalala owamdayisela isitifiketi seBloemfontein Celtic abasabhekani njengoba besakweletana nje. 

Ekhuluma nabe-The Witness kuleli viki, uMaduka uthe kunzima kuye ukuphawula ngalamahlebezi okudayiswa kweqembu ngoba bona baqhubeka nomsebenzi wabo. 

“Siyaqhubeka nomsebenzi wansuku zonke njengenjwayelo,” kusho uMaduka kwayena okuvela ukuthi uhleli ngesinqe esisodwa. 

“Siyaqhubeka nokuya ejimini njengenhlalayenza nje futhi ayikho into efana naleyo esesike sayizwa ivela kubaphathi. 

Kusanda kuvela bokuthi leli qembu lishela uClinton Larsen ukuba azosebenzisana noMaduka obonakala esindeka umsebenzi wakhe. 

“Kusha lokho kimi. Njengoba bengishilo, thina siyaqhubeka nomsebenzi ngendlela ejwayelekile. 

FUNDA NALA: ‘Le ndebe ngeyesizwe sonke,’ kusho uSiya Kolisi weBoks

“Anginaso isiqiniseko sokuthi zonke lezi zindaba zivelaphi ngoba thina akukho muntu oke wasitshela ngazo.”