EzakamuvaIbhola

Kuqhilika izihlathi kuPablo Martin kubuya umgadli woSuthu

Ucabanga ukuthi usengaba naso isixazululo sezinkinga zamagoli umqeqeshi waMaZulu FC uPablo “Cijimpi” Martin. 

Lokhu kulandela ukuthi omunye wabagadli baleli qembu obelimele, uJunior Dion eseluleme futhi esekulungele ukudlala. 

UDion nguye ohambe phambili ngokushaya amagoli kuMaZulu ngesizini edlule, eshaya amahlanu. 

Kodwa ke kumele kuqashelwe ukuthi ufike maphakathi nesizini esuka kwiMarumo Gallants. 

Ulimale ngesikhathi leli qembu lidlala kwiKZN Premier’s Cup, waklunyuka ihlombe. 

Kodwa manje useluleme ngokugcwele, okuyinto eqhilikisa izihlathi kuPablo Martin obelokhu ekhala ngokushoda phambili. 

“Useqalile ukujima ngokugcwele neqembu, futhi sijabule kakhulungalokho,” kusho lo mqeqeshi ngalo mgadli odabuka e-Ivory Coast. 

“Ongomunye wabadlali ebesishoda ngabo kusukela kuqala isizini. Akakwazanga ukudlala ngisho nangesikhathi sisalungiselela isizini ngoba ubesevele elimele.

“Nguye oshaye amagoli amaningi ngesizini edlule ikakhulukazi uma uqaphela imidlalo ayidlalile. 

“Sinethemba lokuthi uzoba yingxenye yeqembu kusukela emdlalweni wethu olandelayo, asisize ngamagoli,” kusho uPablo Martin.

FUNDA NALA: UPule: IBafana izichithela isizungu ngokudlala neNamibia

Usuthu, olunqobe umdlalo wokuqala lushaya iTS Galaxy ngo 1-0 emdlalweni walo odlule. Bekungokokuqala kule sizini lushaya igoli futhi luwina.