I-Al Ahly izisikela kwelinonile kwiSundowns
Izinkunzi zase-Egypt, i-Al Ahly kubikwa ukuthi isifongqe isigqoko kwiMamelodi Sundowns icela ukudayiselwa uTeboho Mokoena ogila izimanga kwi-Africa Cup of Nations (Afcon).
Lo mdlali usedonse amehlo e-Al Ahly ngendlela adlale ngayo kwiBafana Bafana emqhudelwaneni oqhubekayo we-Africa Cup of Nations (Afcon).
Ngokubika kwePhakaaathi, i-Al Ahly izimisele ngokuhlwitha uTeboho Mokoena kwiSundowns.
Ikholwa wukuthi amakhono akhe awaveze kwi-Afcon angaba wusizo olukhulu njengoba isezinhlelweni zokuphinde ibuse ebholeni lase-Afrika.
“Abaleli qembu lase-Egypt bebeyibhekile imidlalo yeBafana Bafana ngoba bebheke uPercy Tau.
“Nokho babe sebeheheka kakhulu nayinto abayibone kuMokoena,” kucashunwe umthombo usho kanje.
“Sebekhulumile nomunye wabaphathi (kwiSundowns), ngakho-ke manje sekuwukwenza izinto zibe semthethweni.
“UMokoena ubedlala kahle, futhi … ungumdlali ofanelwe wukudlala e-Europe … hhayi eqenjini elincane.
“Ufanelwe ukuba kumaligi aphezulu njenge-EPL (yase-England) noma iLa Liga (yaseSpain). Ngimbona efaneleke lapho.
“Kodwa lalela, laba be-Al Ahly bazimisele ngempela ngaye, ngiyethemba ukuthi konke kuzolunga.
“Ngicabanga ukuthi kungaba wushintsho oluhle kuyena lolo ngoba usekwenze konke okumele kwenziwe kwiSundowns njengomdlali.”
Akuqalike ukuthi i-Al Ahly ihalele futhi izame ukuthenga umdlali weSundowns njengoba kuke kwenzeka phambilini.
Nokho yachithwa ngesikhathi ifuna ukuzolanda uGaston Sirino isaqeqeshwa uPitso Mosimane.
FUNDA NALA: Omunye owayedlalela iPirates ecaleni lokushaya owesifazane
Kuzothatha amehlo ukubona ukuthi kuzoyilungela yini kulokhu njengoba uTeboho Mokoena engumdlali obalulekile nje kwiSundowns.

