EzakamuvaIbhola

Inkinga ngabadlali kwiSundowns ivunyelwa ukuya kwi-AFL

Ingase isithole kumele ikhethe iMamelodi Sundowns ukuthi yimuphi umqhudelwano obalulekile kuyo phakathi kweCarling Knockout Cup ne-African Football League (AFL). 

Kuvela ukuthi isigungu esengamele iPSL sigcine silugobile uphondo ngokuvumela leli qembu ukuthi liyodlala kwi-AFL. 

Kodwa manje inkinga seyisekutheni ingase ingabi nabo abadlali abenele ukuthi ikwazi ukudlala kulo mqhudelwano neCarling Knockout kanyekanye.

ISundowns inabadlali bayo abamqoka abakwiBafana Bafana esendleleni ebheke e-Ivory Coast kumanje. 

Ihambe nonozinti uRonwen Williams, izitobha oGrant Kekana, Mothobi Mvala, Aubrey Modiba noKhuliso Mudau. 

Kwabasesiswini kukhona uTeboho Moloi noThemba Zwane. Uma iBafana ihambe nabo laba badlali, kuzosho ukuthi ngeke babe khona ngoLwesithathu uma seyiqala iCarling Knockout. 

Ngenxa yokuthi inomdlalo we-AFL ngoMgqibelo, iSundowns izodlala oweCarling Knockout neTS Galaxy ngoLwesithathu. 

Laba badlali abakwiBafana bazobe bengakabuyi njengoba inomdlalo ne-Ivory Coast ngoLwesibili kusihlwa. 

Nomgadli wayo ophambili, uPeter Shalulile kungenzeka angabi bikho njengoba eseqenjini lesizwe langakubo iNamibia. 

Nokho kunezinsolo Impempe esihoshe umoyana wazo ukuthi laba badlali beSundowns abakwiBafana basalile ngesikhathi seyiya e-Ivory Coast. 

FUNDA NALA: Ingcabha isisele kubadlali kwiChiefs, kusho uNomvete

ISundowns izoqala umkhankaso we-AFL e-Angola la iyobhekana khona nePetro De Luanda eyayiwashisa ijezi kwiCaf Champions League kumasizini amabili edlule.