Uzonikwa imizuzu embalwa uMfundo Vilakazi koweRoyal AM
Umqeqeshi weKaizer Chiefs uCavin Jonnson ufake uMfundo Vilakazi oneminyaka engu-17 esikwatini sakhe esiyodlala umdlalo weDStv Premiership neRoyal AM ngeSonto.
UVilakazi ukhushulelwe eqenjini elikhulu leChiefs ngoJanuwari ngemuva kokwenza kahle eqenjini lenkulisa elidlala kwiDStv Diski Challenge.
Lo mfanyana osemncane uzakhele ugazi kubalandeli ngendlela abedlala ngayo ngaphansi kukaVela Khumalo eqenjini leDDC.
Waze wagcina evotelwe ukuba angene eqenjini leCarling All Stars elidlale neStellenbosch FC ngoJanuwari.
Nakulowo mdlalo, uMfundo Vilakazi wenza ezibukwayo, exhumana noThembinkosi Lorch kube sengathi bazana kudala.
Ekhuluma ngaphambi komdlalo weRoyal AM, uJohnson ukuqinisekisile ukuthi uVilakazi angase anikezwe imizuzu ethile enkundleni eHarry Gwala Stadium.
“Yebo, uMfundo (Vilakazi) useqenjini losuku lomdlalo futhi asethembe ukuthi angathola imizuzu ethile,” kusho uJohnson ngoMgqibelo.
UJohnson wengeze ngokuthi amalungiselelo omdlalo wangeSonto ahambe kahle futhi bazobe befuna ukuthatha amaphuzu aphelele kwiRoyal AM.
“Ngicabanga ukuthi abafana babukeka bebahle ngemuva kwamasonto amane esikhathi sokuzilungiselela.
“Umdlalo wethu wokuqala wokubuya uhlehlisiwe kodwa manje sesilapha KwaZulu-Natal sizodlala neRoyal AM.
“Siphazamisekile kancane njengoba sibambezelekile endizeni, kodwa lokho sekungemuva kwethu nabafana sebemi ngomumo.
“Bazilungiselele kahle futhi bazimisele ngokuphuma bayodlala kahle njengeKaizer Chiefs.
“Inhloso yethu wukubuyela ekhaya namaphuzu amathathu njengesipho kubalandeli bethu abaqotho abahlale bekhona bezosibingelela esikhumulweni sezindiza uma sifika eThekwini,” kuphawula uJohnson.
Lo mqeqeshi uveze nokuthi into abayifunayo manje beyiqembu wukuqeda endaweni yesibili kwilogi bese benqoba neNedbank Cup.
IChiefs iwuqala ekhaya umkhankaso weNedbank Cup njengoba izobhekana neMilford FC edlala kwiMotsepe Foundation Championship ngoMgqibelo ozayo.
Kodwa okwamanje ibheke ukuqoqa amaphuzu amathathukwiRoyal AM ukuze yenyukele endaweni yesine kwilogi.
Nokho kuzomele iwasebenzele amaphuzu iChiefs njengoba iRoyal AM nayo iwadinga nje.
FUNDA NALA: UKhwela ubona sekuseduze anqobe iDusi Canoe Marathon
Leli qembu likaShauwn Mkhize lisendaweni engagculisi kwilogi njengoba liseduzane nezembe nje.

