EzakamuvaIbhola

Kulamule uBiyana iBanyana ibhubhudla iDR Congo

SIHLE NGUBO

UThembi Kgatlane ube yiqhawe leNiningizimu Afrika ngesikhathi ebeka phakathi amagoli amabili beshaya iDemocratic Republic of Congo ngo 2-0 emdlalweni wokuhlungela ama-Olympic, e-Orlando Stadium, ngoMsombuluko.

Ukuwina lo mdlalo kweBanyana kuchaza ukuthi idlule ngo 3-1 sekuhlanganiswe imilenze emibili. Umlenze wokuqala waphela ngo 1-1 ekuhambeni.

Ngemuva kokulahla amathuba amaningi ngesiwombe sokuqala, esiphele ngo 0-0, kube sekungena uKholosa “The Fox” Biyane, washintsha kakhulu umdlalo. 

Lokhu kuholele ekutheni uThembi Kgatlane ashaye igoli lokuqala leBanyana ngomzuzu ka-72 kwachwaza inkundla.

Ngemuva kwalokho bese kubhoke iBanyana kukhonya uBiyana esiswini. Ubuyile futhi ukaputeni uKgatlane washaya igoli lesibili ngomzuzu ka-89, kwacaca ukuthi sekuphelile ngeDR Congo.

INingizimu Afrika izodlala nozowina phakathi kweBotswana neTanzania, okuyiyona ehamba phambili ngo 2-0 ngemuva komlenze wokuqala.

FUNDA NALA: Ingcindezi kwiChiefs ngoPitso olengelwa yizwembe e-UAE

Imidlalo yesigaba esilandelayo sizodlalwa ngoFebhuwari 19 kuya ku-28. Imidlalo yama-Olympic izokuba seParis eFrance, ngonyaka ozayo.