EzakamuvaIbhola

Ubuyelile uMhango kwiSwallows, wavuma umbandela onzima

UGabadinho Mhango, ongumgadli weMoroka Swallows, usevumile ukwehliselwa umholo kuleli qembu ukuze aqhubeke nokudlala kulo.

Lo mgadli odabuka eMalawi nguyena obhekwe ukuthi aqhamuke namagoli njengoba leli qembu lisanda kuhlukana noTshegofatso Mabasa obuyele kwi-Orlando Pirates. 

Lokhu kwenzeka nje yingoba iSwallows ibhekene nesimo sezimali esingesihle okuphoqe ukuthi ekugcineni lisoxhe abadlali abangu-23.

Kubo kubalwa no-Andile Jali. Imidlalo yeDStv Premiership izoqala ngomhla ka-13 kuFebhuwari. 

ISwallows izobe seyishaya ngeqembu elihlukile kuneliqale isizini kanti kukholakala ukuthi iningi labo ngabafana abebedlala kwiDStv Diski Challenge. 

Ukushiya kukaMabasa akungabazeki ukuthi kushiye isikhala esikhulu njengoba kunguye obeyishayela amagoli. 

Nokho ukuvuma kukaMhango ukubuyela eqenjini kulisizile ngoba naye uyaziwa ngamagalelo akhe uma kuziwa ekudabuleni inethi. 

Ukubuya kukaMhango, osezakhele igama elibi ngokuhluleka wukuziphatha, kusho ukuthi uvumile ukwehliselwa umholo.

Lokhu akwaziwa ke ukuthi kuzomvumela yini ukuthi akwazi ukugcina zonke izindleko zakhe ngendlela efanele. 

Enye into engakacaci ngaleli qembu wukuthi liphelelephi nomqeqeshi walo uSteve Komphela.