EzakamuvaIbhola

Usefisa ukusheshe adedelwe ongaseneme kwiChiefs

Umdlali wasesiswini waseVenezuela u-Edson Castillo kubikwa ukuthi akeneme kwiKaizer Chiefs kanti usefisa akhululwe uma kukhona iqembu elimfunayo. 

Nokho ube seshweni ngoba iqembu ebelizibika kwiKaizer Chiefs ngaye, iZamalek yase-Egypt livaliwe ukusayina abadlali. 

Ngokubika kweSoccer-Laduma, lo mdlali angase athole ikhaya elisha e-Europe kodwa iChiefs izofuna ukuthola okuthile ngaye.

Lokhu kungase kuwaxoshe amaqembu afisayo ukusayina lo mdlali, enqena ukukhokha kakhulu. 

“Kunzima kumdlali (uCastillo) neqembu (iChiefs). Uyazi ikilabhu isanda kumnika inkontileka entsha yokumgcina isikhathi eside ekilabhini. 

“Kodwa manje lo mdlali uzizwa engajabule,” kucashunwe umthombo usho kanje kulo mbiko. 

“Ubengadlali ngendlela abethanda ngayo futhi lokho kuyamkhathaza. 

“Uveze ukuthi kungase kuphazamise nokubizwa kwakhe eqenjini lesizwe (laseVenezuela) njengoba esanda kubuyela kulo… 

“Kodwa mhlawumbe abaphathi bazomqinisekisa ngokuthi kumele alinde umqeqeshi omusha abone ukuthi kuzokwenzakalani ngemuva kwalokho ngaphambi kokuthi bamdedele noma cha. 

“Kodwa-ke, uzwakalise ukungenami ngokungadlal, ikakhulukazi ngesiwombe sesibili sesizini,” kusho umthombo.

Lo mbiko uphinde waveza kunamakilabhu ase-Europe angenele umbango wokusayinisa lo mdlali.

“Bebefuna ukukhuphula imali azothengwa ngayo ngoba uma unenkontileka yesikhathi eside neqembu kusho ukuthi intengo yakho iyakhuphuka. 

“Cishe mathathu amaqembu akhombise ukumthanda kakhulu. Elilodwa liseNyakatho ne-Afrika.

“Amabili ase-Europe kanti lokho yena ukubuka kuzomsiza ukunyusa amathuba okubizwa eqenjini lesizwe. 

“Ngakho-ke kungase kube esinye isizathu esenza afune ukuhamba,” kusho umthombo.