Hugo Broos: INigeria izobhekana neBafana ehlukile
SIHLE NGUBO
Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ubazi kahle ubungozi beNigeria abazobhekana nayo emdlalweni owandulela owamanqamu we-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2023.
INingizimu Afrika izobhekana neSuper Eagles emdlalweni we-Afcon obhekwe ngabomvu, ngoLwesithathu ngo-7 ebusuku.
Irekhodi, uma la maqembu ebhekene, livuna iNigeria futhi iyona egcine iwine ngo 2-1 kwi-quarterfinal ye-Afcon ngo-2019.
Nokho uHugo Broos akumethusi kakhulu lokho ngaphambi komdlalo wangoLwesithathu.
“Siyazi futhi siyaqonda ukuthi sibhekene nobani (ngoLwesithathu),” kusho uBroos.
“Siyalazi leli qembu nokuthi abadlali balo bonke badlala e-Europe.
“Okunye esikwaziyo ukuthi sigcina ukuhlangana kwi-Afcon umphumela kwaba yimuphi.
“Nokho kulokhu kuzobe kehlukile. Abadlali abehlukile, yiqembu elehlukile ne-Afcon ehlukile. Kungenzeka noma yini.”
Ukuwina kweBafana Bafana kuzosho ukuyodlala kowamanqamu we-Afcon okokuqala ngemuva kwesikhathi eside.
Iqembu lesizwe lakuleli lagcina ukudlala kowamanqamu we-Afcon ngo-1998, lapho lashaywa khona yi-Egypt.
Ngaphambi kwalokho laliwine i-Afcon ngo-1996 eNingizimu Afrika.
INigeria nayo ngeke izibeke phansi ngoba iyafuna ukuphinde iqukule le ndebe.
FUNDA NALA: Ubuyelile uMhango kwiSwallows, wavuma umbandela onzima
Ngo-1996 abaseNigeria bathi iBafana yawina ngoba bona babengekho emqhudelwaneni.

