Afcon 2023Ezakamuva

URonwen Williams ubona umqansa okhwelekayo kwiNigeria

Ukaputeni weBafana Bafana, uRonwen Williams, uthi udonga lwabo luzoqina njengokhonkolo uma sebebhekene neNigeria.

La mazwe azotholana phezulu, kushunqe uthuli, emdlalweni obhekwe ngabomvu we-Africa Cup of Nations (Afcon), e-Ivory Coast, ngoLwesithathu ngo-7 ebusuku.

Kulo mdlalo owandulela owamanqamu kuvele sekunokungcofana nezinkulumo eziningi, ngoba iNingizimu Afrika neNigeria bayizimbangi ezinkulu.

Umbango walamazwe awugcini ebholeni kuphela, kodwa nangokomnotho kunombango ukuthi yiliphi izwe eliphambili e-Afrika phakathi kwalawa.

Ngokwebhola, kuyaziwa ke ukuthi iSuper Eagles ibophele abadlali abayingozi phambili kodwa uRonwen Williams uthe bakulungele ukubhekana nabo.  

“Sikulungele ukubhekana nenselelo. Kuzoba wumqansa kodwa sesike sabhekana nabadlali abafanayo kulo mqhudelwano,” kusho uRonwen Williams.

“Udonga lwethu selukukhombisile ukuqina, akukho mayelana nami kuphela.

“Kumayelana neqembu futhi siyazigqaja kakhulu ngendlela esivimba ngayo emuva.

“Nabadlali baphambili nalabo basezimpondweni, bebelokhu besebenza kanzima. Abadlali bethu abane basemuva basashaye into ecokeme.”

Emidlalweni emihlanu, iBafana isadedele amagoli amabili kuphela kulo mqhudelwano, kanti seyishaye ayisithupha.

Amabili iwadedele ngesikhathi ishaywa yiMali ngo 2-0 emdlalweni wokuvula we-Afcon.

Ngemuva kwalokho idedele isibhaxu sika 4-0 kwiNamibia, kanti iMorocco iyishaye ngo 2-0 emdlalweni weLast 16.

Emidlalweni emibili, oweTunisia neCape Verde, iBafana idlale ngokulingana ngo 0-0. 

Idlule ngo 2-1 sekukhahlelwa amaphenathi kwi-quarterfinal ibhekene neCape Verde.

Abadlali okumele baqine odongeni lweBafana, uMothobi Mvala, uGrant Kekana, maphakathi, uKhuliso Mudau no- Aubrey Modiba, kwesokudla nakwesokunxele.

Laba baxhumana kahle kakhulu noRonwen Williams emuva ngoba bazana okwentende yesandla, ngenxa yokuthi badlala ndawonye kwiMamelodi Sundowns.

Komunye umdlalo kuzobhekana i-Ivory Coast, osokhaya, neDemocratic Republic of Congo, ngoLwesithathu ngo-10 ebusuku.