Uyaziphendulela omataniswa neChiefs nePirates
IKaizer Chiefs ingase ibe nomdlali wasesiswini omusha ngesizini ezayo. Umdlali weTS Galaxy, uThato Khiba, omataniswa nane-Orlando Pirates, usephawulile ngamahlebezi amkhomba kulezi zinkunzi zaseSoweto.
Ngokwemibiko yakamuva yemithombo yezindaba yakuleli, uKhiba, 27, waseSoweto, eGauteng, usephenduke inyama kwi-Orlando Pirates neKaizer Chiefs.
Lo mdlali, ophuma enkulisa yaMakhosi, useshaye amagoli amabili wakhela ozakwabo amathuba kabili emidlalweni engu-11.
Akukakapheli nonyaka efikile kwiGalaxy esuka kwiMarumo Gallants egawulwe yizembe ngesizini edlule njengoba esekhonjwa eSoweto nje.
“Uma ngikhuluma iqiniso kuwena, ngibone lezo zindaba zisabalala ezinkundleni zokuxhumana,” kusho uKhiba etshela i-FARPost.
“Kodwa angikawubeki umqondo wami kulokho ngoba ngigxile kwiligi futhi ngizama ukusiza iqembu lami ukuthi lizuze izinto ezinkulu.
“Imenenja yami ibingakasho lutho ngalokho kuze kube manje, njengoba ngigxile emsebenzini eninawo njengamanje futhi engenza konke okusemandleni kuwo.
UKhiba ungomunye wabadlali abanikwe ithuba uSead Ramovic kwiGalaxy futhi ababonakala benza kahle kakhulu.
Ungene eqenjini ezovala isikhala sikaBathusi Aubass osayinwe yiMamelodi Sundowns ekuqaleni kwesizini.
FUNDA NALA: IChiefs nesinqumo esibalulekile ngekusasa likaVilakazi
Indlela adlala kahle ngayo yenze asangabonakala isikhala sika-Aubass kuleli qembu njengoba lenza kahle nakule sizini.