EzakamuvaIbhola

UNdlondlo usesophe ukushaya amagoli, uzoqala koweDowns

Usebheke ukuqinisa ekushayeni amagoli emzuliswaneni wesibili wesizini umdlali wasesiswini we-Orlando Pirates uNdabayithethwa Ndlondlo.

Lo mdlali ongasukanga neze egabadeni, uthi usebonile ukuthi yilapho aseshoda khona manje. 

UNdabayithethwa Ndlondlo, oneminyaka engu-28, usashaye igoli elilodwa wasiza ozakwabo kabili ukubashaye igoli emidlalweni engu-21 kule sizini. Ukholelwa ukuthi udinga ukushaya amagoli amaningi futhi asize kaningana emzuliswaneni wesibili sesizini.

Exoxa neSowetan, uNdabayithethwa Ndlondlo uthe usophe ukuqala ukwenza lokhu emdlalweni omkhulu la iPirates izobhekana khona neMamelodi Sundowns ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku.

“Angijabule neze ngeqhaza lami kule sizini,” kusho lo mdlali ozakhele igama kwiMarumo Gallants.

“Kodwa ngokuncane engikukhombisile, nginesiqiniseko sokuthi kukhona lapho engizofika khona… Kukhona lapho okumele ngithuthuke khona.”

Ubekhuluma ngesikhathi iPirates ivakashele iZodwa Khoza Foundation eSkills and Entrepreneurial Development Centre eDiepkloof, eSoweto, ngoLwesihlanu.

IPirates inikele ngezimpahla zenani lika-R100 000 ngosizo lwe-Goals for Charity ngemuva kokunqoba iMTN8 ekuqaleni kwale sizini.

“Ngomzuliswano wesibili wesizini, ngifuna ukuthuthuka ngokushaya amagoli amaningi futhi ngakhele nozakwethu amathuba amaningi.

“Lokho kungasiza iqembu ukuthi liwine imidlalo eminingi.”

UNdabayithethwa Ndlondlo uthe ucabanga ukuthi into okumele bayiphucule njengeqembu yisimo somqondo kuphela. 

IPirates iqoqe amaphuzu angu-25 kwangu-48 emzuliswaneni wokuqala wesizini. 

Isele ngamaphuzu angu-13 kwiSundowns ezihola phambili, enemidlalo emibili esandleni.

“Akuzona izinto eziningi ezidinga ukushintshwa kodwa wumqondo je kuphela. 

“Ngaphandle kwalokho, senza kahle, ngakho emzuliswaneni wesibili wesizini sizogxila kakhulu ekuthuthukiseni amandla engqondo,” kusho uNdlondlo.

IPirates ibihlelelwe ukuthi izokwamukela iChippa United ngoLwesibili e-Orlando Stadium.

Nokho iPSL ibuye yakhetha ukuyihoxisa imidlalo yaphakathi nesonto ukwenzela ukunika iBafana Bafana ukuhlonipheka ekufanele.

IBafana, eqede endaweni yesithathu kwi-Africa Cup of Nations e-Ivory Coast, izobuyela kuleli ngoLwesithathu ekuseni.