Ochithwe yiBucs angase adlele uMothwa ijezi kuSuthu
SIHLE NGUBO
AmaZulu FC ahlabane ngonozinti ochithwe yi-Orlando Pirates ekupheleni kwesizini edlule, uRichard Ofori.
Usuthu luqinisekise ukuthi u-Ofori, odabuka eGhana, usezovimbela leli qembu laseThekwini kule sizini ka-2024/2025.
Lo nozinti ofike eNingizimu Afrika ezodlalela iMaritzburg United, uzwakalise ukwesasa kwakhe ngokujoyina AmaZulu.
“Ngiyajabula kakhulu ukubuyela KwaZulu-Natal. Ngizizwa ngisekhaya ngoba iKwaZulu-Natal yilapho ngafikela ngesikhathi ngiqala ukuza eNingizimu Afrika,” kusho u-Ofori esitatimendeni soSuthu.
“Silapha ukuzosebenza siqhubeke nohambo. Leli yiqembu elikhulu futhi elidala kunawo wonke ezweni.
“Iqembu linonozinti abahla kakhulu. Ngokubambisana sihlose ukusebenza ndawonye ukusiza iqembu lifeze lokhu elikufunayo.”
U-Ofori ufika kuMaZulu ebamba eyeka ezintini njengoba unozinti wokuqina uVeli Mothwa, ophinde abe ngukaputeni weqembu, enza amaphutha.
UMothwa uqale wenza iphutha evimbele iBafana Bafana kwangena elilula igoli ibhekene ne-Uganda. Lowo mdlalo waphela ngo 2-2.
Uphindile futhi uMothwa wenza elinye iphutha bebhekene nePolokwane City walibamba waliyeka ibhola, lagcina lingene phakathi. Kulowo mdlalo Usuthu ludliwe ngo 2-1.
Ngesikhathi AmaZulu eshaywa yiKaizer Chiefs ngo 3-1, koweBetway Premiership, phakathi nesonto bekuvimbe u-Olwethu Mzimela. Kuzocaca maduze ukuthi u-Ofori, oneminyaka engu-30, uzofike alidle yini ijezi kuMothwa.