Iqhawe leBanyana uThembi Kgatlane udlale esemanzini
Sihle Ngubo
Udlale egubezelwe yifu elimnyama umgadli weBanyana Banyana uThembi Kgatlane, ngesikhathi beshaya i-Italy ngo 3-2 emdlalweni weNdebe yoMhlaba yabesifazane ngoLwesithathu.
Lo mgadli, obegqoke ibhande likakaputeni kulo mdlalo wokugcina wamaqoqo kuGroup G, ushaye igoli eliqinisekise ukuthi iBanyana idlulela kwiLast 16.
Leli goli yilona elenze kwaba ngu 3-2 kade sekucaca ukuthi umdlalo uzophela ngo 2-2, bese iBanyana ibambe indiza ebuyela ekhaya.
Ngemuva komdlalo uThembi Kgatlane uveze ukuthi kunesimo esingesihle ekhaya kodwa uqhubekile nokuhlala ekhempini yeBanyana.
“Ngishiywe amalungu amathathu omndeni wami. Bengingathatha isinqumo sokubuyela ekhaya kodwa ngaqhubeka nokuhlala namantombazane,” kusho uThembi Kgatlane.
“Sidlale ngokuzinikela futhi ngiyabonga kulo lonke iqembu. Yinto ejabulisayo ukuthi sidlulele phambili okokuqala emlandweni.”
Akachazanga ke nokho ukuthi laba abathathu bashone kanjani nokuthi bahlobene kanjani naye.
Imizamo yeMpempe yokuthola iSouth African Football Association (Safa) ukuthi inabe ngalokhu ayiphumelelanga.
UMatlhomola Morake okhulumela iSafa uthunyelelwe umyalezo kodwa wangaphendula kwaze kwashicilelwa.
IBanyana iqophe umlando ngezindlela eziningi ngokushaya i-Italy ngoLwesithathu.
Bekungokokuqala iwina umdlalo weNdebe yoMhlaba, kanti ibe yiqembu lokuqala lesizwe kunobhutshuzwayo ukudlulela kwiLast 16 emqhudelwaneni omkhulu.
Ngaphezu kwalokho ishaye amagoli ayisithupha emidlalweni emithathu.
Omunye umdlali odlale kahle kwiBanyana nguHildah Magaia okhande igoli wase eshaya elesibili leBanyana.
FUNDA NALA: Owe-Arrows uphawula ngamahlebezi okuhalelwa yiPirates
UMagaia ubexhumana kahle noThembi Kgatlane phambili kulo mdlalo ophele ngemuva kwemizuzu engu-105 sekuhlanganiswe nesikhathi sikanompempe.