EzakamuvaIbhola

UMokwena akumangalanga kushaywa iSundowns

IMamelodi Sundownsithole induku okokuqala kule sizini kwiCaf Champions Legaue, iguqoswa yiTP Mazembe ngo 1-0 ngoMgqibelo ntambama. 

Nokho lokhu akumthusanga umqeqeshi waleli qembu othi ezakhe zidlale kahle kodwa zehluleka ukuthola amagoli kulo mdlalo.

“Ngikhulumile ngeTP Mazembe ngaphambi komdlalo,”  kusho uMokwena ngemuva komdlalo.

“Bahlelekile kanti basebenzisa uCheick Fofana esayidini noJoel Beya phambili, bese befuna ukugoba amabhola angene ebhokisini. 

“Asimangalanga uma sihlulwa. Ebholeni uyanqoba, uhlulwe noma udlale ngokulingana ngakho awukho umphumela ongimangazayo. 

“Namuhla sihluliwe kulo mdlalo yize ngicabanga ukuthi yithi iqembu elibe namathuba angcono. 

“Kusazomele ngiphiinde ngiwubuke umdlalo, yingakho ngingeke ngithi yithi ebesingcono ngomdlalo kodwa ngiyazi sibe nenqwaba yamathuba futhi bekumele siwashaye amagoli.”

UMokwena uthe ukwehlulwa kwabo akumkhathazi futhi usabethemba futhi uyabathanda abadlali bakhe. 

“ Ngiyabathanda abadlali bami. Sebevele bakukhombisile ukuthi bayizingqwele e-Afrika futhi uma behlulwa, sihlolwa sonke. 

“Umphumela uba semahlombe omqeqeshi. Abadlali bakwenze konke okusemandleni futhi ngiyaziqhenya ngabo. 

“Uma kukhona okumele asolwe ngokwehlulwa kwabo, yimina lowo. Angibangabazi abadlali bami futhi angifuni lutho ngabo.”