Afcon 2023Ezakamuva

Isenzo sikaLyle Foster simshayisa nenzululwane uBroos 

Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, useveze ukuthi iyamdidisa kakhulu yena indaba kaLyle Foster weBurnley, yase-England.

Lo mgadli ubebiziwe eqenjini lesizwe lakuleli, iBafana Bafana, ebelidlala kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2023 e-Ivory Coast.

Nokho akaphumelelanga, kwase kuvela ukuthi yingoba ebesazama ukwelulama esimeni sokuthikamezeka ngokomqondo.

Nokho lo mqeqeshi waseBelgium uthe le nto ithanda ukumphamba impela, uma eyibukisisa kahle.

“Yebo uLyle (Foster) uqobo, wabhala incwadi ethi, ‘ngiyacela ungangibizi, angiphumeleli ukuza. Angikulungele ukudlala kwi-Afcon,” kusho uHugo Broos.

“Kulungile ke kodwa manje useyaqala uyadlala, futhi udlala kuyo yonke imidlalo. Akulona nje isonto nesonto e-England.

“Udlala imidlalo engaphezulu kowodwa ngesonto. Bese ngiyazibuza ukuthi kanti kungani bekungeke kwenzeke ukuthi ahambe nathi ukuya e-Ivory Coast.”

ULyle Foster uke wahlala engadlali kwiBurnely elashwa ongoti base-England, okuthiwa bakwazi ukuqondana ngqo nesimo esimphethe.

Uthe uma ebuya ngoDisemba wadlala kahle nje, kwangakhombisa nokuthi kukhona imidlalo emeqile.

“Lokhu kuyangidida kancane kodwa ngeke ngigxeke umuntu othile,” kuqhuba uBroos.

“Ngeke ngigxeke iBurnely, ngeke ngigxeke uLyle ngalokho. Kodwa ngididekile ngalokho ngoba besingamsebenzisa.

“Ungumgadli omuhle, futhi uyawashaya amagoli. Bekumele abe kanye nathi uLyle (e-Ivory Coast).

“Ngiyadideka manje uma ngibheka abaqale umdlalo (kwiBurnely). Oh uFoster udlale imizuzu engu-70, oh uFoster udlale imizuzu engu-90.”

ISouth African Football Association (Safa) isanda kuveza ukuthi izoluphenya udaba lukaFoster, ngoba kukhona engakutholi kahle ngokungezi kwakhe kwelesizwe.

IBafana Bafana isazodlala imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ebalulekile. 

Kuzocaca lapho ukuthi uFoster uzobizwa yini, nokuthi uma ebizwa uzofika na kwiBafana Bafana.