UTruter uzibona eseyinhlanzi eshelwe amanzi kwiSekhukhune
Ekhuluma ngemva komdlalo wangoLwesine ebusuku, umqeqeshi weSekhukhune United uBrandon Truter uveze ukuthi kungenzeka ukuthi isikhathi sakhe kuleli qembu sesiphelile.
UTruter ubesanda kuhola iBabina Noko eyifaka esigabeni samaqoqo kwiCaf Confederation Cup njengoba esevalelisa sakudlala nje.
Kodwa ke ekhaya, izinto zivele azihambi kahle. ISekhukhune ihlulwe okwesine kule sizini ngesikhathi ithelwa othulini yiGolden Arrows ePolokwane ngoLwesine.
Ekhuluma ngendlela engafani najwayele ukukhuluma ngayo, uTruter ushaye ngamafuphi, futhi walokhu ekugcizelela ukuthi kungenzeka okokugcina ekhuluma engumqeqeshi weBabina Noko.
“Njengomqeqeshi kumele ube nazo zonke izimpendulo ngaso sonke isikhathi. Kumele ukholelwe eqenjini nakubadlali bakho,” kusho uTruter.
“Kodwa ngesikhathi esifanayo awubasweli abazokugxeka. Akwenzeki uishode ngabantu abazokutshela ukuthi wenzeni.
“Kodwa ekugcineni kosuku, kufanele kube nguwe owamukela ukugxekwa namaphutha afana nalawa esiwenza uma sihlasela.”
UTruter uzwakalise ukuphatheka kabi ngokugeja amathuba naphezu kokudlala okuhle kokwakha.
“Sihlulwe amathuba amaningi… Kodwa izitha zathola elilodwa, zabhakuzisa inethi. Yingakho ngithi mhlawumbe inkinga ayikho enkundleni.”
Uphinde waveza ukuthi njengamanje unemicabango eminingi ngekusasa lakhe kuleli qembu laseLimpopo.
“Ngisahlaziya njengamanje. Kumele ngicabangele ikusasa lami ngoba iqembu lidinga isimo esifanele ukuze lizinze kahle futhi likhule
“Okwamanje, angiyena umuntu ojabule futhi ngikhathazekile emoyeni, futhi ngicabanga ukuthi sesiqedile okwamanje.”
Ube esebuzwa mayelana nokuqhathwa kwamaqembu kwiConfederation Cup okuhlelelwe uLwesihlanu eGoli.
FUNDA NALA:
“Okwamanje angikwazi ukukhuluma ngekusasa lami. ISekhukhune izobona ukuthi kuhamba kanjani ukuqhathwa kwamaqembu…
FUNDA NALA: Imenenja ichitha izinsolo ngomdlali ‘ofuna ukuhola engadlali’
“Nokuthi ngizobe ngiseyingxenye (yeqembu) ukuya phambili kulele kuyo,” kuchaza lo mqeqeshi oseke wacija iMoroka Swallows naMaZulu FC phambilini.