EzakamuvaIbhola

UJessica ‘uphahluke’ ngokubuya kwe-Vodacom Challenge

Isikhulu esibhekelele ezokukhangisa kwiKaizer Chiefs, uJessica Motaung, sesiveze ukuthi kungase kubuye imidlalo ye-Vodacom Challenge. 

Lo mqhudelwano wawuvusa isasasa elikhulu ebholeni lakuleli futhi iningi labalandeli beChiefs ne-Orlando Pirates basawukhalela. 

UJesicca Motaung  ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma neSABC Sport ngezinhlelo zeqembu, egcizelela ukuzibophezela kwabo ekukhonyeni ezwenikazi. 

“Iqembu belilokhu lilithathela phezulu ibhola lase-Afrika, futhi empeleni abantu bayakhohlwa ukuthi muva nje, ngesikhathi seCovid, besidlala kowamanqamu (kwiCaf Champions League),” kusho uJessica Motaung.

“Kungumbono wethu omkhulu, futhi yinto esisebenzela phezu kwayo, ukwenza isiqiniseko sokuthi sikhona ebholeni lezwekazi.”

Ube eseveza ukuthi kungenzeka kubuyiswe ne-Vodacom Challenge eyayiqhatha iChiefs nePirates namaqembu akwamanye amazwe ase-Afrika.

Nokho yagcina seyijikiwe, sekulandwa amaqembu ase-England, yaqala yehlelwa yisasasa le midlalo. 

“Ngisho nokuvuselela izinto ezifana ne-Vodacom Challenge, senze isiqiniseko sokuthi sinemiqhudelwano yethu futhi sidlala namanye amaqembu asezwenikazi – kungani kumele silinde iChampions League kuphela?

“Ngakho-ke uzobona intuthuko nezinguquko eziningi njengoba siqhubeka, kodwa ngokuqinisekile uthando olukhulu lwekilabhu luzobusa ezwenikazi lonke.”

Uma ingabuyiswa ngale ndlela ayichaza ngayo uJessica le midlalo ye-Vodacom Challenge, akungabazeki ukuthi ingaphinde ihehe abalandeli.

Ngaphezu kokusiza lamaqembu aseSoweto azilungiselele isizini, le midlalo yayiwanika nethuba lokubona abadlali.

Kuzokhumbuleka ukuthi abadlali abafana noKabamba Musasa, Felix “Mkhwenyana” Musasa noLelo Mbele ngabadlali abavela ngalo mqhudelwano.

Bagcina bezakhela amagama kulamaqembu okuyiwo ahamba phambili ngabalandeli ebholeni lakuleli.

Le midlalo yayiqala egoli, bese idlulela eThekwini sekuyodlalwa owamanqamu nowokukhipha iqembu elizothatha indawo yesithathu.