IPirates seyisitholile isixazululo ngoMarou?
Yize engasitholi isikhathi sokudlala, i-Orlando Pirates ayizimisele ngokudayisa umgadli uSouaibou Marou.
Kunalokho kuzobhekwa ukuthi yiliphi iqembu leDStv Premiership angase abolekiswe kulo ngesizini ezayo.
Selokhu efike kwiPirates ngo-2023, lo mgadli odabuka eCameroon usalwela ukuthola indawo eqenjini eliqala imidlalo.
Unakho ukuveza ukuthi ikhono likhona kuye uma enikwe ithuba futhi nomqeqeshi uJose Riveiro uhlezi ekhuluma kahle ngaye.
UMarou ufike kwiPirates ethwelwe ngeqoma, kunethemba elikhulu lokuthi uzoba yisixazululo senkinga yamagoli.
Ufike kulezi zinkunzi zaseSoweto kade ebuya eNdebeni yoMhlaba ka-2022 eQatar, neCameroon ngesikhathi esesemabhukwini eCotton Sport.
Umbiko wePhakaaathi uthe uMarou ukuthole kunzima ukujwayela indlela umqeqeshi weBucs, uJose Riveiro afuna abadlali bakhe badlale ngayo.
“Ngicabanga ukuthi unebhadi nje ukuthi ulwela ukungena eqenjini ngoba kufanele ngabe nguyena umgadli ophambili eqenjini.
“Muhle ngaleyo ndlela,” kucashunwe umthombo osondelene neZimnyama usho kanje kulo mbiko.
“Yingakho ikilabhu yamsayinisa. Kodwa kuba nzima uma kunendlela ethize edlalwa yiqembu kanti abaqeqeshi awubaniki into abayifunayo.
“Kuke kwaba nezingxoxo zokuthi akhishwe ebolekiswe. Bekungenzeka ngaphambi kokuthi kuqale isizini nangewindi lokushintshana ngabadlali ngoJanuwari.
“Kodwa kugcine kungenzekanga. Babecabanga ukuthi mhlawumbe ngabe usekwazile ukulungisa izinto njengamanje.
“Manje uMabasa (Tshegofatso) usebuyile ekilabhini futhi umbango wokuthola indawo eqenjini elizoqala umdlalo usunzima kakhulu…
“Ngiyazi ukuthi iqembu alifuni ukumdayisa, uneminyaka engu-24 ubudala futhi usengalenzela okuningi iqembu.”
Imithombo yengeze ngokuthi uMarou kuyaqondakala ukuthi useqala ukuzwela ngenxa yalesi simo.
FUNDA NALA: Isiphinde yashiphelana kuHugo Broos noRulani Mokwena
Phela isifiso sakhe kwakungukuthi adlale kahle kwiPirates bese eheha amehle amaqembu aphesheya, bese edlulela khona.

