OwayekwiPirates ebhentshini leSwallows ‘eqala kabusha’
Kukhona negama lomdlali osemncane ophuma enkulisa ye-Orlando Pirates ebhentshini leMoroka Swallows njengoba iqala isahluko esisha.
Leli qembu laseSoweto beligcwele kwabezindaba kusukela ngoDisemba ngesikhathi ihluleka ukudlala imidlalo emibili yeDStv Premiership.
Lokhu kwenzeka ngemuva kokuthi abadlali bengene esitelekeni bethi ngeke bedlale bengaholile.
Kusukela lapho leli qembu lixoshe abadlali abangu-23, kanti abanye babo babuye babuyiswa.
Ngesikhathi leli qembu lihlanganisa kabusha iqembu, belifihla kwabezindaba, lingafuni kwaziwe ukuthi kwenzakalani.
Nokho ligcine libahlanganisile abadlali kanti kubo kukhona no-Augustine Mahlonoko ophuma enkulisa yePirates.
Lo mdlali oneminyaka engu-22 waqala ukudlala eqenjini elikhulu kwiPirates eseneminyaka engu-17.
Kodwa wagcina ehlulekile ukuthola indawo eqenjini eliqala imidlalo, wabe esekhonjwa indlela.
Udlale emaqenjini amaningi ehlukene ngemuva kwalokho njengoba manje esephinde wathola ithuba lokudlala esigabeni esiphezulu nje futhi.
Usebhentshini njengoba iMoroka Swallows izogadulisana nePolokwane City emdlalweni weligi oseDobsonville Stadium ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.
Kubadlali abasha abazowuqala umdlalo kukhona uNtsikelelo Nyauza naye ozakhele igama kwiPirates.
NoJacob Everson noLetsie Koapeng bazodlala okokuqala kuleli qembu laseSoweto kulo mdlalo.
Okunye okuqaphelekile wukuthi umqeqeshi, uSteve Komphela akekho namanje eqenjini njengoba iqembu liholwa uMusa Nyatama noDitheko Matoto.
Lesi siqalo esisha seMoroka Swallows, exwayiswe kanzima yiPSL ukuthi leli hlazo engene kulo ngoDisemba lingaphinde lenzeke, ngenye yezinto ezibhekwe ngabomvu njengoba kuqhubeka imidlalo yeligi nje kuleli.
FUNDA NALA: UJessica ‘uphahluke’ ngokubuya kwe-Vodacom Challenge
Le midlali ime isikhathi esingaphezu kwenyanga njengoba bekuqhubeka i-Africa Cup of Nations e-Ivory Coast nje.

