EzakamuvaiDStv Premiership

Kuphelile ngo-Abubeker Nasir? UMokwena uyachaza

Ikusasa lika-Abubeker Nasir kwiMamelodi Sundowns libukeka lilengele eweni njengoba engakalulami ekulimaleni okungase kuqede ngaye ebholeni. 

Lo mdlali wase-Ethiopia uhlale amasizini amabili edlule ngenxa yokulimala edolweni bedlala ne-Orlando Pirates. 

Yize u-Abubeker Nasir edlale imidlalo emibili kule sizini, umdlalo wakhe wokugcina ube ngoDisemba bebhekene neCape Town Spurs, kubukeka sengathi ubuye wathukukala. 

URulani Mokwena useveze okusha ngesimo salo mdlali oneminyaka engu-23 okubukeka engasekho ngisho emabhukwini eqembu.

Lokhu kubonajale ngokuthi umdlali omusha, uMatias Esquivel, aqale umdlalo egqoke ijezi likaNasir elingunombolo 9 bebhekene nePirates ngoMgqibelo.

“Ngicabanga ukuthi iqembu lizokwenza isimemezelo kodwa uNasir unokulimala okunzima akuthola emdlalweni wePirates ngesikhathi eshayisana noSiyabonga Mpontshane,” kusho uRulani Mokwena.

“Akululameki qobo okuyinto engeyinhle. Uyazi uma kusetshenziswa igama elithi kungaqeda ngekusasa lakhe ebholeni, yileso simo esbhekene noNasir. 

“Udinga konke ukwesekwa esingamnika kona ngoba useqenjini elihle elibhekelela abadlali balo ngakho konke.

“Usendaweni efanele futhi ngethemba ukuthi sizombona maduze nje.”

UMokwena wenqabile ukuphawula ngemibiko yokuthi u-Abubeker Nasir usekhishiwe ohliwini lwabadlali beSundowns ababhaliswe kwiPSL. 

Kuthiwa lokhu kwenzelwe ukuvulela u-Esquivel wase-Argentina, ofike ngewindi lokuhwebelana ngabadlali ngoJanuwari indawo.

“UNasir ngicabanga ukuthi iqembu lizokwenza isimemezelo nokuthi usesusiwe ngaphansi kwami. 

“Okuningi okumele ikilabhu ibhekane nakho,” kusho uMokwena.

“Ngicabanga ukuthi abaningi benu banokuxhumana okuqondile neqembu. 

“Mhlawumbe kungukuthi ngishayele imithombo yeqembu ukuze inikeze impendulo engcono kodwa angikho esimeni sokuphendula ngalokho.”