EzakamuvaIbhola

Usefike kwiDowns qede wahlukana nonina wengane uLorch

UThembinkosi Lorch, odlalela iMamelodi Sundowns, kuvela ukuthi usehlukene nesipawupete esiwumama wengane yakhe, uNatasha Thahane.

Kuse ngoMsombuluko sekugcwele lokho ezinkundleni zokuxhumana mayelana nalezi zithandani.

Uma ziyiqiniso lezi zindaba, kuzobe kungekhona okokuqala laba behlukana.

Ngokombhalo ofakwe uNatasha kwi-Intsagram yakge, bavumelene noThembinkosi Lorch ukuthi bahlukane ngokuthula.

“UThembinkosi Lorch nami sesivumelene ngokuhlukana ngokwezothando,” kusho lo mbhalo.

“Ngaphandle kwalolu shintsho empilweni yethu sizoqhubeka nokuba abangani nokuba ngabazali ngokubambisana.

“Ngibheke phambili kuleli khasi elisha empilweni yami. #Newbeginnings.”

Lo mdlali usanda kushiya i-Orlando Pirates waya kwiSundowns. 

NgoMgqibelo, uThembinkosi Lorch udlale umdlalo wakhe wokuqala egqoke imibala yeSundowns ibhekene neBucs eLoftus Stadium.

Lo mdlalo weDStv Premiership ugcine uphele ngo 1-1, kanti uThembinkosi Lorch uzivumele yena ukuthi akabanga nomdlalo omuhle ngoMgqibelo.

Ukushiya iPirates kukaThembinkosi Lorch, kubacikile kakhulu abalandeli beBucs.

Namanje basakusho ngokungahlonizi ukuthi abakamxoleli lo mdlali ngokushaya kwakhe eMayfair.

Bajabule kakhulu ngokuthi uThembinkosi Lorch akadlalanga kahle ngoMgqibelo, ikakhulukazi njengoba ebebhekene neqembu lakhe elidala.

Abanye kubakitazile nokuthi useshiywe nayile ntombi yakhe engomunye wabalingisi abaphambili kuleli.