USisa Nombe unxenxa abeSwallows ukuthi bedayise kusemanje
ALFRED NGUBANE
Owayengumdlali weweMoroka Swallows, uSisa Nombe unxusa abaphathi baleli qembu laseSoweto ukuthi bengabe besachitha isikhathi kodwa bavele balidayise.
Ukhala ngokuthi umonakalo osuwenzekile kuleli qembu usumkhulu ngaphezulu kwabo futhi akababoni bewulungisa.
“Ngibona kungaba ngumqondo omuhle ukuthi bahlale phansi bavumelane bonke balidayisele lezi ziqumama zaseGermany okuthiwa ziyalifuna.
“Uma ngabe beliyeke manje bazolahlekelwa kakhulu,” kuchaza uSisa othathe umhlalaphansi ebholeni ngesizini ka-206/07.
“Kubi ngoba yibona abangathembekanga kubadlali beMoroka Swallows.
“Manje basola abadlali ngento engekho. Bazobathathaphi abadlali abanohlonzo abazodlala ngabo ukuvika izembe?
“Kunzima kakhulu njengoba bengenabo ngisho abaphathi abazofika, bazofica leli qembu limoshakele kakhulu.
“Lidinga ukuqalwa phansi lonke ngisho abaphathi.”
ISwallows igcine ihlawuliswe yiPSL kulandela ukuthi ihlulekile ukudlala imidlalo emibili yeDStv Premiership ngoDisemba.
Lokhu kwakulandela isiteleka sabadlali ababekhalela ukuholelwa ngoDisemba 22, iqembu lanqaba.
USisa Nombe uthi akabasoli neze abadlali ngokugoloza ukudlala ngoba vele bebebuye bengaholi kuleli qembu likaDavid Mogashoa.
“Uyabona uma uqashiwe, kumele uhole nyangazonke. Uma ngabe ungaholi kumele ushiye ngoba ngumbhedo lowo.
“Abadlali bondla imindeni yabo. Manje uma bengabaholeli basuke belambisa imindeni yalaba badlali.
“Abaphathi babambelele ngezidindi njengoba iqembu limuka nomfula nje,” kuchaza yena..
Kumanje kumahliphihliphi kuMaswayi-swayi njengoba kukhalwa ngezimali ezingekho.
Abadlali baxoshwa ngapha nangapha. Kulindeleke ukuthi nomqeqeshi uSteve Khompela alishiye leli qembu maduze.
UKomphela ubengekho ngesikhathi iSwallows ibuyela ejimini ekuqaleni kwesonto.
FUNDA NALA: Ufuze uyise ngekhono uTeboho Mokoena weDowns neBafana
Wasola abaphathi beqembu ngokungamazisi ngosuku lokubuyela ejimini njengoba olwalukade luqoshiwe lwabuye lwahlehliswa.

