‘Ukopele’ kuWilliams uRicardo Goss evimba amaphenathi
URicardo Goss ukhombisile ukuthi yize engadlalanga kwi-Africa Cup of Nations, kodwa kukhona akufundile.
Lo nozinti weSuperSport United ubeba sebhentshini emidlalweni yeBafana Bafana e-Ivory Coast njengoba bekuvimba uRonwen Williams.
Nokho ukhombise ukuthi ubefunda kuWilliams owagila izimanga evimba amaphenathi amane bewashisa iCape Verde ijezi kwi-Afcon.
Naye uGoss uvimbe amathathu kulandelana ngesikhathi bewashisa iCape Town City ijezi kwiNedbank Cup ngoLwesibili ebusuku.
“Emidlalweni emibili edlule yezindebe sisheshe sawashiswa ijezi. Kulokhu besifuna ukudlulela phambili sibone siphelelaphi.
“Ngiyabonga nakubaqeqeshi (bonozinti) ngokungicebisa ukuthi ngigade ngakuphi,” kusho uGoss ngemuva komdlalo.
Umdlalo, obuseLucas Moripe Stadium, bewukade uphele zibambene ngo -1-1.
Amagoli angene esiwombeni sokuqala kanti bekubukeka likhona elizokwazi ukusheshe lidlule kungakayiwa nasesikhathini esengeziwe.
Nokho esiwombeni sesibili nakuso isikhathi esengeziwe zishukane zaze zabukana ingekho egoba uphondo.
Kuze kwagcina kuyiwa phansi kwepali la besekuyophuma khona elizojoyina iMamelodi Sundowns emzuliswaneni olandelayo.
Kulapho ke kufike kwagqama onozinti njengoba bobabili ekhona amaphenathi abawavimbile.
NEDBANK CUP: UKlate ucoshe ulwazi iSundowns ihubuluza ezakhe
Kodwa kube uRicardo Goss iqhawe njengoba evimbe amathathu kulandelana, waweza iSuperSport United.

