Kutatazela nogqihile kumenyezelwa eleBanyana Banyana eliya kweyoMhlaba
Sihle Ngubo
Kuzoba nokukhala izinyembezi zenjabulo kanjalo nezosizi uma sekumenyezelwa iqembu lesizwe iBanyana Banyana elizomela iNingizimu Afrika kwiNdebe yoMhlaba yabesifazane ka-2023.
Umqeqeshi uDesiree Ellis nethimba lakhe bahlalelwe umsebenzi onzima kakhulu wokumemezela iqembu labadlali abangu-23 abazoyibamba kweyoMhlaba eNew Zealand nase-Australia kusukelangoJuly 18.
Iqembu lesizwe elisekhempini linabadlali abangu-36 kanti kuzophoqeka ukuthi abangu-13 babo batshelwe ukuthi abaqoqe amasakana abo baphindele emakhaya.
Nakanjani zizoba buhlungu izinhliziyo kulabo abazosala ngoba kuzosho ukuphuthelwa enkulu imali lena.
Inhlangano ephethe ibhola emhlabeni iFifa, isanda kumemezela ukuthi umdlali ngamunye ozoba yingxenye yeNdebe yoMhlaba nonyaka uzohlomula ngo-30 000 Euros okungu-R608 436.60 uma ibuyiselwa emalini yakuleli.
Le mali abadlali bazoyithola ngokuba khona nje kulo mqhudelwano, ingakabalwa abazoyinikwa izinhlangano zebhola emazweni abo, namabhonasi ahambisana nokuthi bazohamba ibanga elingakanani kweyoMhlaba.
Kuvele kulindeleke ukuthi iSouth African Football Association (Safa) ithembise abadlali beBanyana Banyana amabhonasi njengoba beyomela izwe kwiNdebe yoMhlaba okwesibili kulandelana.
ISafa ikwenzile lokhu futhi yasigcina isethembiso sayo ngesikhathi iBanyana Banyana idlala kwi- Africa Women’s Cup of Nations lapho igcine idle khona umhlanganiso yaphinde yazibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba.
Bakhona vele abadlali abaziwayo ukuthi bazoya nakanjani kweyoMhlaba futhi iningi labo yilabo abawine i-AWFCON.
Nokho bakhona nalabo abaziyo ukuthi ukuya kwabo ekhempini akusho bese beqinisekisiwe ukuthi bazoya kwiNdebe yoMhlaba.
FUNDA NALA: UFranco Martin uzowenza umshini ongavimbeki AmaZulu
Kukho konke lokhu ingcindezi izokube ikuDesiree Ellis okungangabazeki ukuthi uzokuthola kunzima ukushiya abanye abadlali abengafisa ukuhamba nabo.
Ukuqokwa kweqembu leBanyana Banyana kuzovezwa bukhoma kwiSuperSport ngo-7 ngoLwesihlanu ebusuku.