Uzokwaziwa izwe lonke uNkululeko Buthelezi esedumaze iChiefs
ALFRED NGUBANE
UNkululeko Buthelezi – leli yigama okuzolalwa ngeSonto lisematheni kubalandeli bebhola kuleli.
UmfokaShenge, ongumqeqeshi weMilford FC uthi uzosebenzisa umdlalo wezakhe neKaizer Chiefs ukuzethula kubalandeli bebhola kuleli.
UNkululeko Buthelezi uzohola leli qembu lakhe elidlala kwiMotsepe Foundation Championship uma seliyohlasela eFNB Stadium ngeSonto ebusuku.
Lamaqembu azobe ebanga ukuzibekela indawo emzuliswaneni wesibili kwiNedbank Cup.
Cishe okwenza uNkululeko Buthelezi azethembe kanjena wukuthi uyawazi umlando weChiefs ongemuhle kule mqhudelwano.
Amakhosi avamise ukuphenduka umsenge, agobeke adliwe zimbuzi uma ebhekene namaqembu asesigabeni esingaphansi kunawo.
Njengoba seyaphenduka isinkwa semihla ngemihla samaqembu amancane.
Lamaqembu amancane ayigoba inkani kumnyama kubomvu.
Njengoba yaqalwa yi Baroka FC, Richard Bay FC, lamaqembu abukise ngayo kulemidlalo ye Nedbank Cup.
Amaqembu amancane ayajabula mangabe eqhathwe ne Kaizer Chiefs ngoba banethemba ukuthi bazoyehlula.
“Akungabazeki ukuthi ngingakujabulela ukunqoba kwiKaizer Chiefs,” kusho lo mqeqeshi.
“Nakanjani lokho kungangethula kubantu bebhola eNingizimu Afrika, kungakhele negama.
“Nawe uyazi ukuthi uma ngabe unqobe kwiKaizer Chiefs uba yiqhawe kubantu bebhola ngoba usuke ushaye iqembu elikhulu ebholeni lakuleli.”
Uveze nokuthi abadlali bakhe bazobe besesimweni esihle kulo mdlalo kulandela ukuhola kwabo.
Uthe bebekade bengaholanga ekupheleni kukaJanuwari ngenxa yesimo esithile eqenjini, kodwa lokho sekulungisiwe.
Uma ewunqobile lo mdlalo uButhelezi uzongena ohlwini lwabaqeqeshi abazakhela iGama ngeChiefs.
FUNDA NALA: ‘Ukopele’ kuWilliams uRicardo Goss evimba amaphenathi
Kubo singabala oSello Chakoe owayekwiBaroka FC, Simo Dladla ekwiRichards Bay, uDan Malesela ekwiTS Galaxy ukubala je abambalwa.

