EzakamuvaIbhola

IRichards Bay ivule isango, kwaphuma abadlali abane

Njabulo Shezi

Sekuphinde kwaxoshwa abanye abadlali kwiRichards Bay FC abebezenzela umathanda eqenjini becabanga ukuthi kusemakubo.

Umthombo othembekile uhlebele Impempe ukuthi uKhetha Tshabalala, uLuvuyo Memela, uNtsikelelo Nyauza noNdiviwe Mdabuka, bakhonjwe abeza ngayo. 

Kuvela ukuthi abanye balaba bese becanasa nje, bezibona bebakhulu kunaleli qembu ngoba nakhu beke badlala emaqenjini amakhulu. 

Kuvele ukuthi uMemela nguyena obechiza ukotshi kakhulu futhi kucacela noma ngubani ukuthi ufuna ukuphathiswa okweqanda.

“Ubethi uma ethinteke kancane ejimini noma emdlalweni, angezi aze afike sekusondele umdlalo. Useyoze afike ngoLwesine noLwesihlanu ngoba azi ukuthi uzodlala ngenxa yamava akhe. 

“NoNyauza ubekwenza lokho kodwa bekubhoke uMemela, iqembu labona ukuthi le nto iyaphuma endleleni,” kusho umthombo.

INatal Rich Boyz icisho yadliwa yizembe ekupheleni kwesizini edlule, futhi bekucaca ukuthi ziningi izinkinga ngaphakathi. 

Leli qembu laseMhlathuze liyiqale kahle isizini kodwa konke kwafohloka maphakathi nayo.

Kwenzeka lokhu nje akukapheli nezinyanga ezingakhi kukhonjwe indlela uNkanyiso Zungu naye obenenkinga yokufuna ukuphathiswa okwesicukuthwane eqenjini. 

Lo mdlali owayedlalela i-Orlando Pirates kwavela ukuthi ubefuna isikimu ngenkani futhi elwa nabadlali abadlala endaweni ayidlalayo.

Ngaphezu kwalokho, ubephuza ngokweqile kanti bese kusolakala nokuthi usebenzisa izidakamizwa. 

FUNDA NALA: Indodana kaNasreddine Nabi isola Chiefs ngokubhayizisa uyise

IRichards iyaxosha impela ngoba bonke abaqeqeshi abathathu abebekhona ibakhombe indlela, futhi ngeke kumangaze uma ixosha abanye abadlali ingakaqali isizini.

Kuvela ukuthi bakhona nabanye abadlali abasazokhonjwa indlela ngoba usihlalo ufuna ukukhuculula laba abacishe bamqhatha nezembe.