Umdlali ochithwe yiPirates ukhonjwa kwiChiefs
SIHLE NGUBO
Izindaba zokudedelwa kukaThabiso Monyane noPaseka Mako yi-Orlando Pirates, zihambisana nokuthi kukhona obheke kwiKaizer Chiefs kulaba badlali.
IBucs iqinisekise ukuthi uMonyane noMako ngeke isazivuselela izinkontileka zabo eziphelayo njengoba kuzophela uJuni.
Kuthe kwenzeka lokhu bese kuvele kunamahemuhemu okuthi uMonyane angase athathwe yiChiefs njengoba esengumdlali ongenalo iqembu.
IChiefs izama ukuqinisa iqembu ngemuva kokuba nesizini engeyinhle yize ikwaze ukunqoba iNedbank Cup ngokushaya iPirates ngenyanga edlule eThekwini.
“Sivalelisa kuPaseka Mako noThabiso Monyane ngokukhethekile,” kusho isitatimende sePirates.
“Iqembu liyababonga ngokuzinikela kwabo nakho konke abakwenzele i-Orlando Pirates.
“Sibafisela konke okuhle lapho beya khona nabazokwenza empilweni.”
Kwenzeka lokhu nje uMonnapule Saleng naye umataniswa nokuthi angase ajoyine iChiefs.
Lo mdlali kuphele isizini engasadlali kwiPirates kuvela ukuthi ubanga imali akhokhelwa yona yileli qembu laseSoweto.
Kuke kwavela nokuthi ubefunwa yiqembu laphesheya kodwa iBucs yakuvimba lokho. Nokho iPirates ikhiphe isitatimende ngoJanuwari ikuphika ukuthi kukhona iqembu laphesheya ebelifuna uSaleng.
Akucaci ukuthi inkontileka kaSaleng nePirates imi kanjani njengoba kuvela ukuthi ubesevele esayine inkontileka yesibambiso neChiefs.
Ukuqinisekisa kwePirates ukuthi bayahamba eqenjini oManyano noMako, kuze nezinkulumo ezihlukile kubalandeli ezinkundleni zokuxhumana.
Abaningi bebekhala ngokuthi kungani kudedelwe uMako kodwa wasala uBandile Shandu ongadlalanga imidlalo eminingi eqenjini kule sizini egoqiwe.
Kusekhona nokubamba umoya ngokuthi izovuselelwa yini inkontileka kaDeon Hotto ephelayo ekupheleni kukaJuni.
Lo mdlali waseNamibia uyena ophilisa uhlangothi kwesokunxele emuva kweZimnyama kulama sizini amabili edlule.
Omunye umdlali okuvela ukuthi angase adedelwe yiPirates uMiguel Timm ongalitholanga kahle ithuba lokudlala ngesizini edlule.
IPirates kusabhekwe ukuthi ithathe isinqumo ngomqeqeshi ozongena esikhaleni sikaJose Riveiro oshiyile wajoyina i-Al Ahly yase-Egypt.
Kuphele isizini sekubambe uMandla Ncikazi osebe yiphini kwiBucs isikhathi eside.

