EzakamuvaIbhola

IPirates icela anikwe isikhathi sokwelulama uButhelezi

I-Orlando Pirates isikhiphe isitatimende ngokudunwa nokuthunjwa kukanozinti wayo uMelusi Buthelezi, otholwe ephephile futhi engenamyocu.

UButhelezi udunwe imoto wabe esethunjwa ngoLwesine ebusuku eThokoza, empumalanga yeGoli.

Izindaba zokudunwa kukaButhelezi zidalulwe wuphiko lwezobunhloli iSouth African Intelligence Bureau ngoLwesihlanu ekuseni.

Isikhulu sabezindaba kwiPirates uThandi Merafe uthi bayajabula ukuthi uButhelezi uphephile futhi akalimalanga wacela ukuthi lo mdlali anikwe iithuba ukuze alulame kulesi sigameko esibuhlungu.

“Yebo, kuyiqiniso. Unozinti wethu uMelusi Buthelezi uke wabandakanyeka esigamekweni sokudunwa kwemoto izolo ebusuku. 

“Umdlali uphephile futhi akalimalanga. Siyajabula ukuthi uphephile futhi akalimalanga. 

“Njengeqembu siyacela ukuthi uMelusi anikwe ithuba lokululama kulesi sigameko esibuhlungu,” kusho uMerafe.

Sekungokwesibili eminyakeni emibili lo nozinti weBucs ebhekana nesigameko sokudunwa kwemoto.

Nango-2022 kwathi ehamba nomfowabo eSoweto ngesikhathi esadlala kwiTS Galaxy wazithola esesimweni esifanayo sokudunwa imoto. 

Kwaba kubi ke kulesi sigameko sokuqala ngoba basala namanxeba okugwazwa ngesikhathi bezama ukuzivikela bephucwa imoto. 

Njengoba sekungokwesibili nje uButhelezi edunwa imoto eminyakeni emibili, uzodinga ukwesekwa okusezingeni lochwepheshe bezengqondo.

IPirates kungenzeka imnike ikhefu lo mdlali okusho ukuthi angase angabi khona emdlalweni weDStv Premiership sebebhekene nePolokwane City ngoMgqibelo ePeter Mokaba Stadium.