EzakamuvaIbhola

Ucikwa umphathi weSpurs omqhatha nenduku uBartlett

Alfred Ngubane

UShaun Bartlett, ongumqeqeshi weCape Town Spurs, uthi sekuqala ukumuma emphinjeni ukungaphenduli kukasihlalo weqembu ngokusayinelwa abadlali. 

Uthi u-Ari Efstathiou uvele amfake kwi-voicemail uma eke wakhuluma ngokuthengwa kwabadlali. 

Ukhuluma kanjena nje uBartlett iwindi lokudayiselana ngabadlali liyavalwa ngoLwesihlanu.

“Sengikhulume kaningi nosihlalo kodwa akakhombisi ukuthi uyezwa,” kusho uBarlett engxoxweni yakhe neMpempe. 

“Uyathalalisa kube sengathi akukho lutho olonakele kuleli qembu. Manje angisazi ngempela ukuthi kumele ngithathe ini ngiyihlanganise nani ngoba anginabo abadlali. 

“Lesi sigaba seDStv Premiership sidinga abadlali abanohlonzo abakulungele ukulwa… abadlali bayalimala, abanye bathole amakhadi. 

“Mina ke kumele ngiqhathe usizi ngabo laba badlali abambalwa enginabo,” kuchaza lo mqeqeshi osemncane.

Uthi indaba yokuqinisa iqembu into aqala ukuyisho beqeda ukunqoba imidlalo yokuhlunga ekuqaleni kukaJulayi. 

“Uma ngimtshela usihlalo ukuthi kuzomele sithole abadlali abanohlonzo ngokushesha ngemuva kokunqoba kwiMaritzburg United savumelana,” kusho yena esho edonsa umoya. 

Ubezwakala uBartlett ukuthi uyacikeka ngempela nglento. Ubuye wazwakalisa ukungenami ngerekhodi aseliphulile. 

ISpurs sifice irekhodi lokuhlulwa emidlalweni eyisithupha yokuqala kwiPremiership elaqoshwa uMthatha Bush Bucks ngo-1999. 

Uthi leli rekhodi libi kuyena futhi njengomqeqeshi lingase limvalele amathuba kulo msebenzi. 

Okucacayo wukuthi uBartlett akasaneme neze ukuqeqesha leli qembu futhi ngeke kuthuse ukuthi avele ashiye phansi. 

FUNDA NALA: UFikizolo uthola ikhaya elisha kwelePremiership

Okuzwakale kuye wukuthi kungenzeka ukuthi usehlalele abadlali bakhe, ikakhulukazi laba abasebancane anobudlelwano obuhle nabo.