EzakamuvaIbhola

Usephinde wantshontshelwa imoto owePirates

Usetholakele unozinti we-Orlando Pirates uMelusi Buthelezi obethunjwe yizigilamkhuba ezimphuce imoto yakhe.

Ngokuthola kweMpempe ngomthombo osondelene nalo mdlali, ubesendaweni yaseThokoza, eGauteng ngesikhathi kwenzeka isigameko. 

Kuthiwa izigilamkhuba ndini lezi zimphuce imoto yakhe iVW Polo zabe sezihamba naye ukuqinisekisa ukuthi akasheshi ukuthola usizo. 

Nokho zibuye zamdedela kanti kumanje kuthiwa usemaphoyiseni azama ukumbuyisela ekhaya.

“Kubi. Sesibonga khona nje ukuthi usindile umfana,” kusho lo mthombo. 

Bekungekhona ke okokuqala uButhelezi edunwa imoto njengoba kuke kwenzeka nangesikhathi esekwiTS Galaxy. 

Esehlakalweni sokuqala wayeseSoweto la athathelwa khona imoto qede wathunjwa. 

Izigilamkhuba zathi ukumthinta ngaleso sikhathi wagcina elimale kabana okwenza ahlale amasonto ambalwa engadlali. 

KwiPirates ungumdlali wesibili ukudunwa ngalolu hlobo njengoba noVincent Pule eke wabhekana nesimo esifanayo. 

UPule naye wadunwa imoto qede izigilamkhuba zamvalela ebhuthini zahamba naye zayomlaxaza ndawana thize eSoweto. 

Imizamo yokuthola uButhelezi ayiphumelelanga njengoba kuthiwa ucingo lwakhe luhambe nawo amasela lawo nemoto yakhe.

NePirates beyingakakhiphi sitatimende ngalokhu, futhi ayitholakalanga ukuphawula.

Kodwa Impempe izolulandelela lolu daba futhi sizoshicilela uma kukhona okusha okuvelayo.