UKhama Billiat uncoma uthando aluthole kwiChiefs, kodwa…
Ngemuva kokubuyela kwelakubo kulandela ukushiya kwakhe iKaizer Chiefs, uKhama Billiat useveze ukuthi sekunesikhathi ekhumbule ekhaya.
UBilliat uchithe iminyaka engu-14 eNingizimu Afrika, waqala uhambo lwakhe kwiPremier Soccer League (PSL) egijima kwi-Ajax Cape Town (esibizwa ngeCape Town Spurs) eyamlanda kwiCAPS United yaseZimbabwe.
Lo mdlali uphinde wadlalela iMamelodi Sundowns, lapho enqobe khona izindebe nezindondo eziningi eminyakeni emihlanu ekuleli qembu lasePitoli.
Ube esejoyina Amakhosi uma esuka kwiSundowns, kodwa izinto zangamhambela kahle kuleli qembu laseNaturena ngenxa yokulimala.
UKhama Billiat ushiye iChiefs ekuqaleni kwesizini ngemuva kokungavumelani nayo ngenkontileka entsha.
Lo mgadli usencome uthando akhonjiswa lona eqenjini lakhe elisha, iYadah, lapho ephiwe khona iLand-Rover, okubikwa ukuthi ibiza cishe u-R2 million.
“Sekunesikhathi ngikhumbula ukuba sekhaya futhi ukuba lapha kusho olukhulu,” kusho yena kwabeSoccer24.
“Ngikwazisa kakhulu futhi ngizokujabulela ukuba lapha. Ngiyabonga ngokungibonisa uthando olungaka.
“KwiSundowns ngangithandwa kodwa hhayi njengakwiChiefs, iChiefs nayo yangithanda kodwa hhayi njengalapha kwiYadah.
“Ngibonga uNkulunkulu ngokuthi ngisenalo ithuba lokudlala eZimbabwe futhi ngibheke ngabomvu ukuyithokozela lokho.
“Angicabangi ukuthi ngake ngazizwa kanje ngaphambili. Uthando engilutholayo, luyamangalisa, luyamangalisa futhi luwumuzwa omuhle.
“Angisakwazi ukulinda ukuthi imidlalo iqale,” kwengeza uBilliat.
“I-Yadah iyiqembu elikhethekile. Ngijabule ngokuba lapha. Lena wukuphela kwendawo ebengingeza kuyo eZimbabwe eminyakeni edlule, kufana nasekhaya kimi.
“Badele lukhulu ukuze ngibe lapha futhi ngiyakwazisa lokho,” kwengeza lo mdlali oneminyaka engu-33.
“Badela lukhulu (wkiYadah) ngenxa yami, uthando luqala ngokuzidela. Uthando lwabo luyamangalisa futhi ngangingacabangi ukuya kwenye indawo.
“Kuyamangaza lokhu. Ngiyethemba ukuthi ngizokujabulela ukuba lapha ngoba ngithanda izwe lami kakhulu.
FUNDA NALA: Akuhambanga kahle kwiMilford uHleza ‘ephisana’ ngamagoli
“Ngakho-ke, ngikulungele ukunikeza konke okusemandleni ami.”

