IChiefs izovala isikhala sowaseCongo ngomunye waseCongo
SIHLE NGUBO
IKaizer Chiefs kulindeleke ukuthi isayinise uMakabi Lilepo ongumdlali wasophondweni, obedlalela iValenciennes CF yaseFrance.
Lo mdlali wasophondweni oneminyaka engu-27 kulindeleke ukuthi atheleke eNingizimu Afrika ezinsukwini ezimbalwa ezizayo. Uzohlolwa ukuthi ungumqemane yini bese esayina inkontileka neChiefs.
ULilepo udabuka eDemocratic Republic of Congo. Kuvela ukuthi akhona amanye amaqembu abemfuna e-Europe naseTunisia kodwa ukhethe ukuzodlalela iChiefs ngenxa yomqeqeshi uNasreddine Nabi.
Kukholakala ukuthi uNabi umazi kudala uLilepo futhi ubefuna ukusebenza naye esaqeqesha iYoung Africans yaseTunisia.
KwiChiefs lo mdlali uzofica uTashreeq Morris osanda kusayina evela kwiSuperSport United. UMorris uphambane noChristian Saile obengalitholi kahle ithuba lokudlala ngaphansi kukaNabi.
USaile ubesaqale imidlalo emibili selokhu kuqale isizini, kanti kwemine ungene esuka ebhentshini. Lo mdlali odabuka eCongo naye, bekuvele kubhekwe ukuthi kube uyena ovula isikhala somdlali omusha ovela ngaphandle kwiChiefs.
Omunye umdlali okuvela ukuthi angase ashiye iChiefs u-Edmilson Dove odlala kwesokunxele emuva. Lo mdlali waseMozambique kuqale isizini elimele.
Endaweni yesokunxele emuva kudlala uBradley Cross, uma engekho kufakwa uThatayaone Ditlhokwe. Kusekhona noBongani Sam osayine ekuqaleni kwesizini esuka kwi-Orlando Pirates.
IChiefs izobhekana neFree Agents FC emdlalweni weNedbank Cup Last 32 eFNB Stadium, ngeSonto ngo-6 ntambama. Ngemuva kwalokho izodlala umdlalo omkhulu womkhaya nePirates khona eFNB Stadium ngoFebhuwari 1.