EzakamuvaIBetway Premiership

Umdlali weChiefs angase ephule inhliziyo kayise uma beshaya iPirates

SIHLE NGUBO

Umdlali wasesiswini weKaizer Chiefs, uLebohang Maboe, uthi kumele ephule inhliziyo kayise uma sebebhekene ne-Orlando Pirates, emdlalweni weBetway Premiership, eFNB Stadium, ngeSonto ngo-3 ntambama.

Lo mdlalo ubhekwe ngabomvu njengoba umphumela wawo uzocacisa ngesicoco seligi ukuthi sishona ngakuphi.

ULebohang uyindodana kaSidwell Maboe owayedlalela iPirates eminyakeni edlule.

Lo mdlali, ogqame edlalela iMaritzburg United wase elandwa yiMamelodi Sundowns, wazi kahle ukuthi uyise uzobe engeseki yena ngokuphelele kulo mdlalo womkhaya.

“Ikhehla lami (uSidwell Maboe) nakanjani usohlangothini lwezimbangi zethu,” kusho uMaboe kwiRadio2000.

“Sikhuluma kakhulu ngebhola hhayi ngomdlalo womkhaya kuphela.

“Uyangeseka futhi uhlale enginika amazwi angigqugquzelayo. Wayengihleka isonto lonke ngemuva komdlalo womkhaya odlule.

“Nokho ngamtshela ukuthi usekhona omunye umdlalo womkhaya esisazowudlala.”

Emdlalweni weChiefs nePirates odlule, kwakhala isibhaxu kuMakhosi enenebulwa yiBucs ngo 3-0.

Nakanjani iChiefs izofuna ukuziphindiselela ukuze ijabulise abalandeli bayo, iphinde izinze endaweni yesithathu kwilogi yePremiership.

Ngakolunye uhlangothi iPirates ifuna ukuqhubeka nokuhlala esicongweni selogi njengoba ijahana neSundowns ekunqobeni isicoco seligi.

“Ngesikhathi ngikhula abantu babefuna ngidlalele iPirates, ngilandele ezinyathelweni zikababa,” kuqhuba uMaboe.

“Kodwa bengilokhu ngeseka iChiefs. Ukushiya inkulisa yeChiefs kwaba yisibusiso kimina.

“Ngacela ukuhamba ngoba ngangingayi ndawo. Ngaya kodlala kwiSAB nokuyilapho iMaritzburg (United) yangibona khona.”

UMaboe kuyacaca ukuthi uyazifela ngeChiefs njengoba akhetha ukuya enkulisa yayo esengumfanyana.

NgeSonto kuzomele ajabulise abalandeli beqembu elisenhliziyweni yakhe, ngokusiza iChiefs ukuthi inqobe umdlalo womkhaya.