EzakamuvaIbhola

Mokoena: ‘ISuperSport yangenza umuntu ebantwini’

Ubonge iSuperSport United ngokumenza umuntu umdlali weMamelodi Sundowns uTeboho Mokoena. 

Lo mdlali uqokwe njengoshaye into ecokeme kunabo bonke ngesikhathi ezakhe zibambana ngo 1-1 neSuperSport emdlalweni weDStv Premiership, eLoftus Stadium ngoLwesibili.

Ushaye intululwane yegoli engaphandle kwebhokisi ngomzuzu ka-30, yahamba phambili ngo 1-0 iSundowns. 

Nokho akuthathanga sikhathi ukuthi zibuye zilinganise ezikaGavin Hunt, ngegoli likaBradley Grobler ngomzuzu ka-34. 

UTeboho Mokoena akazange ajabule ngemuva kokushaya igoli nokuyinto ayichazile ngemuva komdlalo. 

“Kumele ngiyihloniphe iSuperSport United. Ngilapha ngikhona ngenxa yayo,” kusho uTeboho Mokoena. 

“Ngiyabonga kakhulu kwiSuperSport ngokunginika ithuba lokuzibonakalisa.” 

Lo mdlali ungomunye wabaningi abasuke kwiSuperSport baya kwiSundowns. 

Kubona kukhona yena (uTeboho Mokoena), uRonwen Williams unozinti, u-Aubrey Modiba, uSipho Mbule, uDenis Onyango, Thapelo Maseko nabanye. 

Mayelana nomdlalo uTeboho Mokoena uthe bekunzima kakhulu ukudlala neSuperSport. 

“Bekungumdlalo onzima kakhulu. Uma unakho usuke unakho (ekhuluma ngokushaya igoli ekude),” kusho lo mdlali ehleka. 

“Kumele siyincome iSuperSport United, kuhlale kunzima ukudlala nayo. Ngiyayibongela kakhulu iSuperSport.” 

UTeboho Mokoena ushaye igoli ekude nangesikhathi beshaya iChippa United ngo 2-0 ngempelasonto koweligi. 

ISundowns ayikashaywa kule sizini emidlalweni yeligi kodwa bese kungokwesine idlala ngokulingana. 

Emdlalweni olandelayo izobhekana neMaritzburg United koweNedbank Cup Last 16 eLoftus Stadium ngeSonto.

Ngemuva komdlalo wangeSonto, uMokoena nozakwabo oThapelo Morena, Themba Zwane, Aubrey Modiba, Grant Kekana, Terrence Mashego noRonwen Williams bazobe sebeya ekhempini yeBafana Bafana.

Bazobe beyolungiselela imidlalo yobungani abazoyidlala ne-Andorra ne-Algeria khona kwelase-Algeria ngasekupheleni kukaMashi.