EzakamuvaIbhola

UTshatha ubabaza ingqino kunozinti weChiefs 

Umsakazi woKhozi FM nongumlandeli wokuqina weKaizer Chiefs, uKhathide “Tshathugodo” Ngobe usejoyine abasola unozinti waleli qembu uBrandon Petersen. 

Lo nozinti uphenduke undabuzekwayo ngempelasonto kulandela ukubonakala ‘elekelela’ umqeqeshi uCavin Johnson emsebenzini wakhe.

Lokhu ukwenze ngesikhathi iChiefs ibhekene ne-Orlando Pirates eFNB Stadium emdlalweni womkhaya ohlezi ubhekwe ngabomvu.

Ngesikhathi kuqhubeka umdlalo, uPetersen ubesukuma ame ngezinyawo amemeze abadlali ebayalela ukuthi mabenzeni. 

Okudide kakhulu ke nokho wukuthi abonakale esethethisa umqeqeshi ngemuva komdlalo sengathi nguye ongaphezulu eqenjini ngokwezikhunda. 

Ihlukene ke imibono ngalesi senzo sakhe njengoba abanye bethi ubephushwa wuthando analo lweqembu, efisa benze kangcono.

Kodwa abanye, njengaye umfo kaTshathugodo, abayizwa lento kaPetersen. Empeleni nje uTshatha umsole ngokweqiwa wukuphapha.

Lo msakazi onedumela ufake isithombe sikalonozinti ekhasini lakhe likaFacebook, wabe eselipphezela ngomlayezo wokuthi akehlise ekuqineni.

“Ake nitshele lo osekwazi ukuthethisa umuntu omdala ukuthi ake ehlise ukuphapha, akayena untanga yakhe lobaba!,” kubhala uTshatha.

“Okokuqala nje kwanaye uyasidlisa! Akehlise nje ingqino, akhuhle ibhentshi leli, njengabanye avale umlomo.”